U Ntuli Ukhuthaza Ukubekwa Phambili Kwezidingo Nqangi

Date:

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, uthi ukusheshiswa kokulethwa kwezidingo kubantu kuzoba nomthelela omkhulu ekubuyiseni isithunzi nokwethemba uhulumeni.

U Ntuli ukusho lokhu ngesikhathi ethula umbiko ngesimo sokulethwa kwezidingo KwaZulu-Natal, emhlanganweni weNational Council of Provinces Report Back Session obuseSishayamthetho saKwaZulu-Natal.
Lo mhlangano ububanjwe ngaphansi kwendikimba ebigxile ekubhekaneni nezinselelo eziphazamisa ukwakhiwa komasipala abasebenza kahle ukuze bakwazi ukuletha izidingo eziyisisekelo emiphakathini ngesikhathi.


UNtuli ugcizelele ukuthi ukulethwa kwezidingo akumele kubambezeleke njengoba lokhu kuthinta impilo nesithunzi sabantu.
“Ukulethwa kwezidingo okuhlehlisiwe kusho ukubambezeleka kwesithunzi sabantu. Kuleli thuba, ngifisa ukukhuluma ngohulumeni othembekile. Ukwethembeka akusona isiqubulo kunalokho, kuwumgomo okufanele siwulandele. Kusho ukubeka phambili kwezakhamizi sibize ngezinto ezisebenzayo. Umbiko ofihla ukwehluleka awuwona umbiko uwumdlalo nje. Abantu bakithi bafanelwe okungcono kunomdlalo. Ukuntuleka kwemisebenzi okwenza intsha ilinde amathuba, kanye nezinkinga zomphakathi ezidiliza ubumbano emiphakathini yethu.” kusho uNtuli.

Uthe ukusheshisa ukulethwa kwezidingo kuzosiza ekuqedeni izithiyo kanye nezidingo ezisilele emuva, kuphinde kubuyise ukwethenjwa kwabantu kuhulumeni. UNtuli uphinde wancoma iKwaZulu-Natal ngokusingatha ngempumelelo iNgqungquthela yama-46 yeSADC ebise-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre. Uthe ukuphumelela kwale ngqungquthela kuqinise isikhundla saKwaZulu-Natal njengendawo ehamba phambili ekusingatheni imicimbi emikhulu yamazwe omhlaba kanye nezwekazi lase-Afrika.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Umlingisi odumile ongowokudabuka eThekwini uZamani Mbatha uthi ayikho into...

U Masipala Uqhuba Uhlelo Lokuxhasa Osomabhizinisi Abasafufusa

Kwimizamo eqhubekayo yokweseka osomabhizinisi bendawo nokwenza kube lula ukusebenza...

Osomabhizinisi BakwaMashu Bathole Ithuba Lokucotshelelwa Ngolwazi

Osomabhizinisi baselokishini laKwaMashu eThekwini bathole ithuba lokuthuthukisa ulwazi namakhono...

Linyukile Izinga Kumkhakha Wezokuncebeleka E Thekwini

Umkhakha wezokuvakasha eThekwini uyaqhubeka nokukhombisa ukuqina, njengoba ezokuvakasha zasekhaya...