Kubekwe Eceleni Imali EngangoR73 million Ukuhlomulisa Intsha Esifundazweni

Date:

Unqonqoshe  woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo KwaZulu-Natal (EDTEA), uMfundisi u Musa Zondi, ugubhe usuku Lomhlaba Lwezemvelo e-Ulundi, esifundeni saseZululand, lapho ethule khona ngokusemthethweni uhlelo lokulawula Izitshalo Ezihlaselayo (Invasive Alien Species Programme – IASP), oluhlose ukuvikela imvelo nokudala amathuba emisebenzi ezinkulungwaneni zabantu.

Ekhuluma emphakathini nakubazohlomula kulolu hlelo ePrince Mangosuthu Buthelezi Regional Stadium, uZondi uthe ingqikithi yoSuku lomhlaba lwezemvelo lwalo nyaka ethi, “Inspired by Nature. For Climate. For Our Future,” ikhumbuza wonke umuntu ukuthi ukuvikela imvelo kuyisisekelo sokwakha ikusasa eliqhakazile lezizukulwane ezizayo.

“Namuhla akusikhona nje ukukhuluma ngokubaluleka kwemvelo, kodwa sithatha izinyathelo ezibonakalayo zokuyivikela ngesikhathi esifanayo sidala amathuba omsebenzi kubantu bakithi. Ukuvikelwa kwemvelo nokuthuthukiswa komnotho kufanele kuhambisane,” kusho uZondi.

UZondi umemezele ukuthi uhulumeni usebeke eceleni imali elinganiselwa ku-R73 million ukuze kuqaliswe lolu hlelo kuzo zonke izifunda zaKwaZulu-Natali. Lolu hlelo luzobuyisela esimweni izindawo zemvelo ezonakele ngokususa izitshalo ezihlaselayo ezisongela izinhlobo zemvelo, ezidla amanzi amaningi, ezandisa ubungozi bemililo futhi ezinciphisa ukukhiqiza kwezolimo.

Uthe lolu hlelo luzophinde ludale izinkulungwane zamathuba emisebenzi ngaphansi kohlelo lwe-Expanded Public Works Programme (EPWP). Kuphinde kwabelwa u-R2.7 million ukuqeqesha abantu abayinkulungwane ngezifundo ezigunyaziwe ukuze bathole amakhono azobasiza ukuthola amathuba omsebenzi esikhathini esizayo.

UZondi uveze ukuthi zonke izifunda zaKwaZulu-Natali zizohlomula kulolu hlelo. Kwisifunda sase Zululand kuphela kuzokwenziwa amaphrojekthi ayisithupha komasipala kumasipala -uPhongolo, Ulundi, KwaNongoma, e-AbaQulusi Kanye nase-Dumbe. Lokhu kuzodla imali engaphezu kuka-R14.3 million futhi kudaleke amathuba emisebenzi angu-1 095.

 U Zondi unxuse wonke umuntu ukuba abe yingxenye yokuvikela imvelo ngokonga amanzi, ukugwema ukungcolisa indawo, ukutshala izihlahla zomdabu kanye nokweseka izinhlelo zokuvikelwa kwemvelo emiphakathini.

“Njengohulumeni, sizimisele ukuqhubeka nokwakha iKwaZulu-Natali ehlanzekile, eluhlaza futhi ekwazi ukumelana nemithelela yokuguquguquka kwesimo sezulu, ngesikhathi esifanayo sidala amathuba omnotho anenzuzo emphakathini” Kusho uZondi.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Undunankulu Wesifundazwe Ubambe Umhlango Wezinsuku Ezimbi Wokwakha Amacebo Entuthuko KwaZulu Natal.

Undunankulu waKwaZulu-Natali, Thamsanqa Ntuli, uhole umhlangano wezinsuku ezimbili wokwethulwa...

Igubha Amashumi Amabili Nanye Yasungulwa I Dundee July

Sekumi ngomumo umcimbi weminyaka yonke weDundee July ozoba mhla...

University of Zululand student Designed National Science Months Logo

Deputy Minister of Science, Technology and Innovation, Dr Nomalungelo...

Uyaziqhenya Umasipala Ngokuphothula Uhlelo Lokuhlinzekwa Kwamanzi

U Masipala we Theku uqinisekisa ukuthi izakhamuzi namabhizinisi zithola...