Imboni I KwaZulu-Natal Clothing and Textile Cluster (KZNCTC) igubhe iminyaka engama-20 yasungulwa ngesikhathi kubanjwe Umhlangano wonyaka (AGM) eTextile and Clothing Centre of Excellence eKloof.
Sekuphele amashumi amabili eminyaka i-KZNCTC ibambe iqhaza elikhulu ekuqiniseni ukuncintisana, ukusimama nokubandakanywa kwabo bonke embonini yezingubo nezindwangu KwaZulu-Natal. Lokhu ikwenze ngokusebenzisana nababambiqhaza, ukweseka ukusungulwa kwezinto ezintsha, ukuthuthukisa amakhono kanye nokwakha ubudlelwano obuqinile embonini.
Lo mcimbi awuzange ugcine ngokuba umhlangano ojwayelekile wonyaka kuphela, kodwa ube yithuba lokugubha uhambo olude nempumelelo esiyizuzile lesi sikhungo kule minyaka engama-20 edlule.
Khlanganise abaholi bemboni, amalungu, ozakwabo kanye nabanye ababambiqhaza ukuze babheke emuva entuthukweni eseyenziwe, bancome labo abenze umehluko futhi baxoxe ngamathuba nezinselelo ezisazobhekana nemboni esikhathini esizayo.
Kuphinde kwanikezwa imiklomelo ye-KZNCTC Awards ukuhlonipha abantu nezinkampani ezenze umsebenzi oncomekayo embonini yezingubo nezindwangu.
UMasipala weTheku uklonyeliswe ngomklomelo we-Partnership of the Year ngenxa yokubambisana kwawo okuqhubekayo nokweseka ukukhula kwale mboni.
Iqembu le-Mr Price Group lithole umklomelo we-Value Chain Development Champion Award, kwathi inkampani yakwaJockey (Ninian & Lester) yanconywa nge-Productivity Champion Award.
Eminye imiklomelo ihlanganise i-MSME Scaling Up Award ehambe neBiddywood Designs ngenxa yokukhula kwebhizinisi layo, i-Industry Champion Award eklonyeliswe u-Adriaan Verhagen kanye ne-Shared Learning Champion Award ehanjiswe ku-DYEFIN Textiles.
IPhini likaNgqongqoshe woMnyango Wezohwebo, Izimboni Nokuncintisana, u-Alexandra Abrahams, lithe ukugujwa kwale minyaka engama-20 akukhombisi ukukhula kwenhlangano kuphela kodwa kukhombisa nokuzibophezela kwabantu nabezinkampani abasebenzisane ukwakha imboni eqinile ekwazi ukuncintisana emhlabeni.
IPhini leNhloko yoMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho kuMasipala weTheku, uTakalani Rathiyaya, lithe imboni yezingubo nezindwangu ingaphezu kokuba umkhakha wezomnotho kuphela.
“Le mboni iyinkundla yokuthuthukisa abantu bonke. Iqasha abesifazane abaningi, inikeze amathuba omsebenzi kubantu abanamakhono aphakathi futhi isekele imiphakathi eminingi esifundazweni ngemisebenzi ehloniphekile nenenzuzo,” kusho uRathiyaya.
Ubuye waqinisekisa ukuthi uMasipala weTheku uzoqhubeka nokweseka izinhloso nombono wale nhlangano.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

