Usebenza ngokuzikhandla Umkhandlu WeTheku Kudaba Lwabokufika

Date:

I Meya yomkhandlu we Theku u Cyril Xaba, uyaqhubeka nemizamo yokusheshisa uhlelo lokudingisa izinkulungwane zabokufika baseMalawi abagcinwe endaweni yaseSherwood, ngokuxoxisana nezinhlaka eziphezulu zikahulumeni ukuze kususwe izithiyo ezibambezela lolu hlelo.

UXaba, uvakashele indawo yase Sherwood ukuyobheka inqubekela-phambili yokucutshungulwa kwezinhlelo zabantu abangaphezu kuka-6 000 okulindeleke ukuthi babuyiselwe eMalawi.

Ekuqaleni lolu hlelo beluqhutshwa iziphathimandla zaseMalawi ezazisiza abantu ababefisa ukubuyela ezweni labo ngokuzithandela. Nokho, kwathi lapho kubonakala ukuthi uhlelo luhamba kancane kunalokho obekulindelekile, uHulumeni waseNingizimu Afrika wathatha izintambo waqala uhlelo olusemthethweni lokudingisa laba bokufika.

Ngokomthetho wezokufuduka waseNingizimu Afrika, umuntu ngamunye ongenawo amaphepha asemthethweni kufanele acutshungulwe ngokwehlukana. Lokhu kubandakanya ukuqinisekiswa kobunikazi bakhe, ukukhishwa kwemibhalo esemthethweni edingekayo kanye nokuvela phambi kwenkantolo ukuze kuqinisekiswe ukuthi yonke inqubo ihambisana nomthetho futhi amalungelo omthethosisekelo ayahlonishwa. Ngemuva kokuphothulwa kwalezi zidingo zomthetho, kuba lula ukuthi kuqhubeke uhlelo lokudingisa.

Njengengxenye yemizamo yokusheshisa lolu hlelo, sekusungulwe inkantolo eyodwa endaweni yaseSherwood. U Xaba uthe baxoxisana nomnyango wezobulungiswa ngenhloso yokusungula ezinye izinkantolo ezimbili ezizosebenza kuphela ekucutshungulweni kwalezinhlelo.

Kulindeleke ukuthi lesi sinyathelo sikhuphule izinga lokusebenza futhi sinciphise ukubambezeleka ekusingathweni kwamacala.

“UMnyango Wezasekhaya nawo uzibophezele ekuthumeleni ezinye izikhulu ezizokweseka umsebenzi wezinkantolo ukuze kuqinisekiswe ukuthi wonke amacala acutshungulwa ngokushesha nangempumelelo. Kuze kube manje, amabhasi amane athwele abantu asevele asukile kule ndawo ebheke eMalawi. Izikhulu zisasebenza ubusuku nemini ukuqedela amacala asele nokulungiselela ukuhamba kwamanye amabhasi ayisithupha asesendaweni.” Kusho u Xaba.

UXaba ugcizelele ukuzibophezela kukamasipala weTheku ekuqhubekeni nokweseka iminyango kahulumeni kazwelonke kanye nabo bonke ababambiqhaza ukuze kuqinisekiswe ukuthi lolu hlelo lwenziwa ngendlela esheshayo, esemthethweni, ehlonipha amalungelo nesithunzi sabo bonke abathintekayo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Abahlomule Ngendondo Yokuba Ngamaqhathanzipho Bahambele Emphakathini Ukuyohlola imisebenzi Eqhubekayo

UMasipala waseMthonjaneni, osanda kuhlomula ngendondo ye-Cleanest Town with Best...

Undunankulu Wesifundazwe Ubambe Umhlango Wezinsuku Ezimbi Wokwakha Amacebo Entuthuko KwaZulu Natal.

Undunankulu waKwaZulu-Natali, Thamsanqa Ntuli, uhole umhlangano wezinsuku ezimbili wokwethulwa...

Kubekwe Eceleni Imali EngangoR73 million Ukuhlomulisa Intsha Esifundazweni

Unqonqoshe  woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo KwaZulu-Natal (EDTEA),...

Igubha Amashumi Amabili Nanye Yasungulwa I Dundee July

Sekumi ngomumo umcimbi weminyaka yonke weDundee July ozoba mhla...