Iskole Sakwa Mashu Sibe Yinxenye Yombukiso Wezobuciko

Date:

Baphume ngobuningi abomkhakha wamaciko  okubalwa kubo ababhali bezincwadi kanye nabahayi bezinkondlo, bayinxenye yomncimbi wombukiso ohlelwe ngumasipala weTheku e Durban exhibition center. Lo mcimbi uhlanganise ababhali, abafundi, osomabhizinisi bezincwadi kanye nabathandi bokufunda ngenhloso yokukhuthaza isiko lokufunda emphakathini.

Lomkhangiso ube yithuba lokuthi ababhali bendawo bethule izincwadi zabo emphakathini, kwathi abanye bachaza ngohambo lwabo lokubhala kanye nezinselelo ababhekana nazo embonini yezincwadi. Izinqalabutho zobuciko eziyinxenye  wombukiso u mama Gcina Mhlophe ongumbhali wezincwadi aphinde abengumethuli wezinganekwane, u Zamani khuzwayo wencwadi esihloko sithi Inqolobane Yokukhonga.

Ukhuzwayo obuye abe kwezepolitiki uchaze inqolobane yokukhonga njengendlela ehlukile kuyena yokuchitha isizungu. “Ekufinyeleleni kwami kulencwadi kwaba ukukhuthazwa ngumnewethu ngoba wayebona ikhono elikhona kimina. Ukuqalakwakhe ukungihlahlela indlela ngokungixhumanisa no Wellington Thabethe (cele) sisafunda e Mandlenkosi High School nokuyilapho engaqala khona ukuhaya izinkondlo.” Kusho uKhuzwayo.

U Minenhle Damoi no Nkosazana Mhlongo abavela eskoleni Inqabakazulu High school KwaMashu uchaze usuku lwakhe lokuhambela umbukiso wamaciko nje ngenxenye yokukhula kwakhe kwezobuciko. “La sizofunda syakhula nokubuka izindlela ezahlukene kwezobuciko. Isifundo engistholile kulomncimbi ukuthi singazenyezi ngosiko lwethu.” Kusho u Damoi.

“Kuningi engikufundile njengoba sigubha inyanga yobuciko ngikujabulelile nokubona iciko u Mama u Gcina Mhlophe ngisazokhula nami kwezobuciko.” Kusho u Mhlongo 

Izincwadi ebezikhonjiswa zihehe abaningi, ikakhulukazi intsha ebezitholela ulwazi ngezihloko ezahlukene okubalwa ezokuzithuthukisa, umlando, ezamasiko kanye nezindaba ezithinta impilo yansuku zonke. Abebehambele lo mcimbi baphinde bathola ithuba lokuxhumana nababhali kanye nokuthenga izincwadi.

 Kulomncimbi kugqugquzelwa ukubaluleka kokufunda nokubhala njengendlela yokwakha umphakathi onolwazi kanye nokuvulela intsha amathuba emisebenzi nasemabhizinisini ngobuciko obahlukene.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Igubha Amashumi Amabili Nanye Yasungulwa I Dundee July

Sekumi ngomumo umcimbi weminyaka yonke weDundee July ozoba mhla...

University of Zululand student Designed National Science Months Logo

Deputy Minister of Science, Technology and Innovation, Dr Nomalungelo...

Uyaziqhenya Umasipala Ngokuphothula Uhlelo Lokuhlinzekwa Kwamanzi

U Masipala we Theku uqinisekisa ukuthi izakhamuzi namabhizinisi zithola...

U Note To Self Usenqobe Amahlandla Ayisithupha Elandelana Kumjaho we HollyWoodBets

I-Hollywoodbets Durban July iphinde yafakazela ukuthi isengomunye wemicimbi emikhulu...