Basayine Isivumelwano Sokuzibophezela Ngezindlela Zonke Zonke Kumkhakha Wezokuncebeleka

Date:

BASAYINE ISIVUMELWANO SOKUZIBOPHEZELA NGEZINDLELA ZONKE KUMKHAKHA WEZOKUNCEBELEKA

UMongameli waseNingizimu Afrika, Cyril Ramaphosa, uvule ngokusemthethweni umbukiso omkhulu wezokuvakasha i-Africa’s Travel Indaba 2026 eThekwini, lapho agcizelele khona ukubaluleka kwezokuvakasha ekukhuliseni umnotho wase-Afrika nasekuhlanganiseni amazwe ezwekazi.

Ekhuluma emcimbini obuhanjelwe abaholi bamazwe, osomabhizinisi bezokuvakasha, kanye nezivakashi ezivela emazweni amaningi, uRamaphosa uthe iTheku liyidolobha elimele ubunye nobungani babantu base-Afrika.

“Leli yidolobha lapho kuhlangana khona amasiko futhi lapho i-Afrika iphinde ihlangane khona ukuzoxoxa indaba yayo yezokuvakasha”.  kusho uRamaphosa.

URamaphosa uveze ukuthi ngonyaka odlule iNingizimu Afrika yamukele izivakashi zomhlaba ezingu-10.5 million, okuyinkomba yokuthi amazwe omhlaba aphinde akhombisa  uthando lokuvashela  kuleli lizwe.

Uthe okubalulekile ukuthi cishe izingxenye ezintathu kwezine zezivakashi zivela emazweni angaphansi kweSADC, okuyinto ekhombisa ukuthi abantu base-Afrika sebeqala ukukhetha ukuvakasha ngaphakathi kwe-Afrika.

Ngenxa yalokho, uRamaphosa uthe iNingizimu Afrika isebenzisana namazwe angomakhelwane ukuthuthukisa uhlelo lwe-SADC Tourism UNIVISA oluzokwenza kube lula ukuwela imingcele ngaphandle kwezinkinga.

“Sifuna ukwenza ukuvakasha phakathi kwamazwe ase-Afrika kube lula ukuze kuqine umnotho, amasiko kanye nobudlelwano phakathi kwabantu base-Afrika,” kusho yena.

UMongameli uphinde wagcizelela ukuthi ezokuvakasha akusona nje isigaba somnotho kodwa ziyindlela yokukhombisa umlando, amasiko nobuntu babantu base-Afrika.

Uthe uhulumeni uyaqhubeka nokuthuthukisa izindawo ezibalulekile zomlando nezemvelo okubalwa kuzo iCape Agulhas Lighthouse kanye neKgodumodumo Dinosaur Interpretation Centre eFree State.

URamaphosa uphinde wancoma iTheku ngokwengeza izindawo ezintsha eziheha izivakashi okubalwa izithombe zabaholi bomzabalazo uNelson Mandela no-Oliver Tambo ezisanda kuvulwa kuleli dolobha.

Ngokusho kukaRamaphosa, imboni yezokuvakasha isekela cishe imisebenzi eyisigidi eNingizimu Afrika, okusho ukuthi umuntu oyedwa kwabangu-18 usebenza ngqo kulo mkhakha.

 U Ngqongqoshe Wezokuvakasha, uPatricia Dellil, owenze isifungo sokuthi amazwe ase-Afrika kufanele asebenzisane ukukhulisa ezokuvakasha ezwenikazi.

UDellil uthe i-Afrika inamathuba amakhulu ngenxa yobuhle bayo bemvelo, amasiko ayo acebile kanye nabantu abanobungani.

Uphinde wanxusa amazwe ukuthi aqhubeke nokusebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukwenza lula ukuhamba kwezivakashi, ukuthuthukisa izindiza kanye nokwandisa amathuba kubantu abasha.

Uthe intsha yase-Afrika idlala indima enkulu ekuguquleni imboni yezokuvakasha ngokusebenzisa ubuchwepheshe ukudala amathuba amasha emisebenzi kanye nokuthuthukisa amabhizinisi amancane.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Previous article

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Durban Strengthens Position as Leading Tourism Destination Durban once again...

Ukhuza Ibuya Umjaho Wamadoda Olwisana Nesihlava Sokubulawa Kwabesifazane Nokuhlukunyezwa

Kwethulwe ngokusemthethweni umjaho wamadoda iSA Men’s Run ozokuba mhlaka...

Bagasele Ebhilidini Elihlala Abokufika Abaholi Be March And March

I lokhu iqhubeke njalo inhlangano March And March nemizamo...

Durban Gears Up for Africa’s Travel Indaba 2026 Under the Theme “Unlimited Africa”

Durban is preparing to host Africa’s Travel Indaba 2026...