UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli, ngoLwesibili, wethule ngokusemthethweni iSu leSectoral Multisectoral laKwaZulu-Natal lokunqanda ukukhulelwa kwezingane nentsha eRay Nkonyeni ngaphansi kukaMasipala Wesifunda Ugu. Lolu hlelo olwethuliwe luhlose ukubhekana nenye yezinselelo zomphakathi ezicindezela
kakhulu esifundazweni ngokusebenzisa izinyathelo ezididiyelwe, ukungenelela okusekelwe ebufakazini, kanye nokuhlanganisa yonke imikhakha yomphakathi. Isu lokunciphisa ukukhulelwa kwezingabe nentsha livela njengempendulo eqondile esinqumweni soMkhandlu Wesifundazwe ,kulandela imibiko ethusayo yamazinga okukhulelwa aqhubekayo phakathi kwentsha eneminyaka eyi-10 kuya kweyi-19. UNdunankulu uzwakalisa ukukhathazeka ngokukhulelwa kwabantwana abancane eminyakeni engu12 kuyaphezulu.
“Masikhulume singagwegwesi uma ingane eneminyaka engu-12 iba ngumama, akukhona
ukwehluleka komuntu siqu kodwa ukwehluleka kwethu sonke. Kuwuphawu lomphakathi ohlulekayo ukuvikela abantu abasengozini enkulu. Bantu bakithi, ngiyaziqhenya kumemezela ukuthi iKwaZulu-Natal iyisifundazwe sokuqala eNingizimu Afrika ukuthuthukisa kanye nokwethula isu lemikhakha ehlukene yalolu hlobo lokubhekana nesihlava sokukhulelwa kwezingane nentsha”, kusho uNdunankulu. Ukwethulwa kwalelisu kuyiigxathu elibalulekile ekuqiniseni ukusebenzisana kweminyango, ukuthuthukisa izinhlelo zokufukula intsha, kanye nokuqinisekisa ukuthi yonke ingane nentsha esifundazweni iyaluthola ulwazi, amathuba kanye nezinhlelo zokuyisekela eziyenza iphumelele.
