Friday, March 13, 2026

Undunankulu Ntuli Kanye NoJenene Mkhwanazi Bethule Amasu Amasha Okunqanda Ubugebengu Ohlelweni Lwezokuphepha Ngesikhathi Samaholidi

Date:

Undunankulu waKwaZulu Natal, uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli ekanye noJenene Nhlanhla Mkhwanazi, bethule uhlelo lwamasu amasha azolekelela ukunqanda izenzo zobugebengu esifundazweni sonke sakwaZulu-Natal. Ukwethulwa kwaloluhlelo kuyingxenye yeProvincial Integrated Safety Month and Festive Season, oluhlose ukuqinisekisa ukugcinwa kwemithetho kanye nokuthuthukisa ukuphepha komphathi kuzona zonke izingxenye zakwaZulu-Natal. Ngesikhathi kwethulwa, uNdunankulu uqinisekise amalungu omphakathi, imboni yamabhizinisi kanye nabatshalizimali ukuthi lokhu kwethulwa kuzobeka kabusha iKwaZulu-Natal njengendawo ephephe kunazo zonke kulabo abazohambela amaholidi bakuleli nabakwamanye amazwe ngesikhathi samaholidi azayo.

Umnyango wezokuphepha nokuxhumanisa umphakathi (Community Safety and Liason), izinhlaka zomthetho kanye nezinhlaka ezahlukene zokuphepha komphakathi bazoqinisa imizamo yabo yokunqanda ukwebiwa kwemfuyo, ikakhulukazi ezindaweni okubhekwe kuzona njengasoThukela, Harry Gwala, Zululand naseMkhanyakude. Uhulumeni wesifundazwe ugcizelele ukuthi amachweba akhona okungena nemingcele ayandisa izinga lokusatsha laliswa komthetho ngenhloso yokunciphisa isibalo sobuge bengu obunqamula imingcele. UNdunankulu ubesegqugquzela ukuthi umphakathi awubambisane nabomthetho ukulwa nobugebengu ukuze bagcine indawo abahlala kuyo iphephile. “ Masisebenze ndawonye nangobunye senze isifundazwe sakwaZulu Natal lapho ukuphepha kungaqiniswa kuphela kodwa kuhlale khona lapho sonke isakhamuzi sizizwa sivikelekile ekhaya, emgwaqeni nasezindaweni zethu zomphakathi, lesikhathi samaholidi masingakhun julwa ngenxa yenhlekelele kodwa ngokuziphatha kanye nokubambisana.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Unikele Ngo R100 000 000 Emnyangweni Wezenhlalakahle Usomabhizinisi WaseMhlanga

Kukhombisa izithelo ezinhle ukuqala kwenqunquthela yezinsuku ezimbili yomnyango wezenhlalakahle...

I Qembule Democratic Allience Esifundazweni I KwaZulu Natal Ligxeka Isithombe SikaMandela NoTambo, Ithi ITheku Lidinga Amanzi Nezinsiza.

Iqembu lezepolitiki iDemocratic Alliance eThekwini seligxeke ukusetshenziswa kwezigidi zamaRandi...

Kwethulwe Izichuse Zabaholi Bomzabalazo Ethekwini Kwisifundazwe I-kwa Zulu Natal

IMeya yomkhandlu I e-eThekwini Municipality, uCyril Xaba, uthi ukwethulwa...

Seligcwotshwe Ngokusemthethweni Iqembe Lomdlalo Wokudonsa Intambo

Iqembu laseNingizimu Afrika lomdlalo wokudonsa intambo ngaphakathi ezindlini (Indoor...
×