Breaking News

UMKHANDLU WASETHEKWINI WETHULE IZINCOMO NGOLWE-‘GO!DURBAN’

0 0

Abemboni yezokuthutha okufaka kuyo abanikazi bamatekisi Kanye nabamabhasi bethuthulelwe nguMasipala weTheku uhlelo olubizwa nge-Go!Durban.

Inhloso yaloluhlelo ukuthuthukisa umkhakha wezokuthutha ,lokhu kuvezwe ilowo oyinhloko yoMnyango wezokuthutha KuMkhandlu waseThekwini uMnu Thami Manyathi eMoses Mabhida Stadium eThekwini ,NgoLwesibili womhlaka-7 May.

“Namuhla usuku olusemqoka kakhulu lapha emkhandlwini ngoba kade sifaka izinguquko ezintsha ngaloluhlelo olubizwa nge-GO!Durban.Uhlelo lolu eseluthikamezekile lwashiywa isikhathi eside abantu belokhu behlalele ethembeni lokuthi luyangena kodwa kufike lapho singekho isivumelwano phakathi koMkhandlu nabanikazi bezokuthutha.Ngaloluhlelo olusha eseluphumelele nasemkhandlwini siyathemba ukuthi indlela isivulekile abantu bazoqala ngalezinguquko njengoba kuyiwa ezinyangeni zaloluhlelo uJune/July.” kusho uManyathi.

Eqhuba uThami uthe uMasipala uzimisele ukusebenzisana nabasemkhakheni wezokuthutha ukuze kuthuthukiswe lomkhakha ukwazi ukusebenza ngobuchwepheshe.
Omele uMnyango wesimo senhlalo Kanye nokuthuthukiswa kweNgqalasizinda KuMasipala waseThekwini uKhansela Bheki Mngwengwe uveze ukuthi izinhlelo ezifana ne-GO!Durban zivunwa ngumthetho wezwe wango-2009 ngaphansi kolawulo lwezokuthutha.

Wathi kubalulekile ukuthi abanikazi bamatekisi Kanye nabamabhasi belwamukele loluhlelo bephinde besebenzisana noMasipala.

“Sijabule kakhulu ngokwethula uhlelo lokuthi sifuna ukubona i-GO!Durban isebenza eThekwini.Okuhle kunakho konke ukuthi kumele siphumelele nanokuthi ezokuthutha zibe sesimeni esikahle njengoba sabathembisa abantu abakithi, ” kusho uMngwengwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *