Ngonyaka odlule (2023) uMnyango wezeMidlalo ezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal wethula ngokusemthethweni uhlelo iSukasambe ngenhloso yokusiza imiphakathi yabantu bakulesi sifundazwe ukuthi bathuthukise amakhono abo.
Kube njengamagama enkehli ngesikhathi uMphathiswa wezeMidlalo,ezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal uDkt Ntuthuko Mahlaba,evula ngokumsethethweni inkundla yezemidlalo iMalumekazi Sportsfield,eMnambithi enyakatho-ntshonalanga yeTheku ngaphansi kukaMasipala wesifunda uThukela,NgoLwesihlanu womhlaka-15 March.
Ephawula ngeMalumekazi Sportsfield uMphathiswa wezeMidlalo uveze ukuthi iqanjwe ngegama lalowo owayekade eyisishoshovi somphakathi owadlula emhlabeni kuyona lendawo ekwakhiwe kuyo lenkundla ngonyaka ka-2016.
”Lunkundla ikwazi ukusingatha zonke izihlobo zemidlalo,siyakhele ukuthi intsha yakithi ibenendawo yokudlala nokuthuthukisa ikhono. Sifike nabantu abangabasiki bengqephu,abaculi kanye nabadlala ezemidlalo,sizonikeza ngemishini yokuthunga komama nasentsheni yakithi nokunye okuningi esizokudlulisela emphakathini” kusho uMahlaba.
Ngaphambi kokuvula lenkundla,uDkt Ntuthuko uqale eNewcastle ngawo uLwesihlanu womhlaka-15 March lapho athule ngokusemthethweni umncintiswano womculi wamakhwaya wesifundazwe osubuya okwesi-13 kulonyaka.Lomncintiswano wezinsuku ezimbili ububanjelwe eFarmers Hall,eNewcastle kusukela NgoMgqibelo wohlaka 16 March kuya NgeSonto langomhlaka 17 March.
“Kusijabulisile ukuthi ikhono likhona ,nesasa kubantu abathanda umculo likhona ekutheni bethamele lumcintiswano walomculo” kusho uMahlaba.
Eqhuba uMphathiswa wezamaCiko uveze ukuthi bazoqhubeka nokubamba iqhaza ngokuqhuba uhlelo lokuSukasambe,wathi loluhlelo lukwazi ukubheka ikhono kusukela phansi kumawadi kuya kwisifundazwe sonke.UDkt Ntuthuko uthe bazosebenzisa loluhlelo lukaSukasambe ukuvuselela umculo wamakhwaya ngoba unomthelela omuhle kubantu bakuleli.