U Ndunankulu waKwaZulu-Natal, Thamsanqa Ntuli, usecele imiphakathi ukuba ingasakufihli ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, wagcizelela ukuthi abahlukumezi kumele babikwe ukuze babhekane nengalo yomthetho.
UNtuli ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni umkhankaso wezinsuku ezingu-16 wokulwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, kuphinde kugujwe unyaka owodwa kwasungulwa umkhankaso othi Silwa Nechilo. Lo mcimbi ububanjelwe e-Under The Moon eNanda, eThekwini, ngoLwesithathu.
Uthe udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane luseyinkinga enkulu KwaZulu-Natal, njengoba izibalo zamaphoyisa zikhombisa ukuthi maningi amacala okubulawa, ukudlwengulwa nokuhlukunyezwa kwabantu.
Uveze ukuthi isiteshi samaphoyisa saseNanda siqophe amacala angu-86 okudlwengula phakathi kukaNtulikazi noMandulo kulo nyaka. Lesi sibalo sibe ngesiphezulu ezweni ngaleso sikhathi, kanti sikhuphuke ngamaphesenti angu-28,4 uma siqhathaniswa namacala angu-67 abikwa ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
“Udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane akuyona into engenakugwemeka, akusilo isiko, akuyona indaba eyimfihlo futhi akumele lwamukelwe njengento ejwayelekile,” kusho uNtuli. Uthe kubalulekile ukuthi imiphakathi ishintshe indlela ebuka ngayo lolu dlame, ingavikeli abahlukumezi noma isole izisulu, kodwa iqinisekise ukuthi labo abahlukumezekile bayathola usizo nokwesekwa.
UNtuli uveze ukuthi uHulumeni usethumele izishoshovu ezingu-211 emiphakathini ngenhloso yokuqwashisa abantu, ukweseka izisulu nokuvimbela udlame ngaphambi kokuba lwenzeke. Uphinde wagcizelela ukuthi ukulwa nalolu dlame akuwona umsebenzi kaHulumeni namaphoyisa kuphela, kodwa kudinga ukubambisana kwemindeni, abaholi bomphakathi, izinhlangano nezinye izinhlaka.
Uphinde wanxusa abanikazi bezindawo zokucima ukoma ukuba balandele amahora abavunyelwe ukusebenza ngawo, ikakhulukazi njengoba kusondela isikhathi samaholidi okuphela konyaka, lapho kuvame ukwanda khona izigameko zodlame.
Uthe umkhankaso weSilwa Nechilo uzoqhubeka nokugqugquzela abantu ukuba baphumele obala balwe nokuhlukunyezwa, bavikele abesifazane nezingane futhi bakhe imiphakathi ephephile. U Mduduzi Shangase ovela kwi Speritual Crime Prevention ugcizelele emazwini ka Ntuli okuthi ukuhlukumezana noma udlame oluqhubekayo emphakathini imvamisa kuba ngabantu abazanayo. Uchaze inhlangane njenge nxenye yosizo lokulwa nesihlava emphakathini wase Nanda. “Senza imikhankaso eyahlukene ngokubambisana namaphoyisa aseNanda. Izidakamizwa nazo kuyenzeka zibe nomthelela ebese sibibiza izinhlaka ezifanele ezifana nosonhlalakahle singamadoda siyalapha nangokomoya sikweluleke.” Kusho u Shangase
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.
