kwethulwe Ngokusemthethweni Isikhungo Sabafundi Abalungisa Amabhanoyi

Date:

Kube usuku olubalulekile emkhakheni wemfundo nokuqeqeshwa kwamakhono ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni i-Aircraft Maintenance Mechanics Academy e-Elangeni TVET College, eNanda Campus yethulwa yiphini lika ngqonqoshe wezemfundo ephakeme.

Oyiphini lika ngqongqoshe Dkt Nomusa Dube-Ncube, kanye nabamele uMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa, i-Elangeni TVET College, I Starlite Aviation, I WorldSkills South Africa nabanye ababambiqhaza embonini yezindiza.

Lesi sikhungo esisha sihlose ukuvula amathuba emisebenzi kanye nezifundo kubantu abasha abanentshisekelo emkhakheni wezindiza, ikakhulukazi ekulungisweni nasekunakekelweni kwezindiza.

 U Dkt Dube-Ncube ugcizelele ukubaluleka kokuthi intsha ithole amakhono ahambisana nezidingo zemisebenzi yesimanje. Uthe ukubambisana phakathi kukahulumeni, izikhungo zemfundo kanye nezinkampani ezizimele kubalulekile ekwakheni ikusasa eliqhakazile lentsha yaseNingizimu Afrika.

Omunye wabafundi abafundela lo mkhakha, uWandile Luthuli, ukhuthaze abafundi ukuthi bangesabi ukungena emikhakheni yobuchwepheshe efana nokulungiswa kwezindiza. Uthe lezi zifundo zivula amathuba amaningi emisebenzi futhi zinikeza abafundi ulwazi olusezingeni lomhlaba.

“Ngikhuthaza intsha ukuthi ikhethe izifundo ezizoyisiza ukuba ithole umsebenzi futhi ibe negalelo ekuthuthukiseni izwe. Umkhakha wezindiza unamathuba amaningi kubantu abazimisele ukusebenza kanzima futhi bafunde amakhono amasha lekhozi ifuna umuntu ozimsela ozinikelayo ukukhanda ibhanayo akuyona into engenziwa noma ubani,” kusho uLuthuli.

Ukubambisana phakathi kwe-Elangeni TVET College ne Starlite Aviation kulindeleke ukuthi kunikeze abafundi ukuqeqeshwa okusezingeni eliphezulu kanve nolwazi.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

KwaMashu Bahlabene Ngethuba Lokuveza Ikhono Lebhola Lomqakiswano.

Abadlali abasebancane bomdlalo webhola lezandla KwaMashu bathole ugqozi olusha...

Bahlomule Ngezibuko Zamehlo KwaMashu.

Amalungu omphakathi KwaMashu athole lwezibuko zamehlo ngesikhathi inhlangano engenzi...

Kuzohlonishwa Inkakha Kamasikandi Kwi Golden Hour

Umhleli womncimbi ka masikandi u Xolani Mncineka wenze isethembiso...

U Chithe Usuku KwaMashu Ezibonela Mathupha Idle.

IMeya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, uthathe izinyathelo zokusheshisa...