Kuvulwe ngokusemthethweni isikhungo esisha sokuthuthukisa intsha, iRexona Safe-Hub, elokishini laKwaMashu okuyisinyathelo esikhulu ekuqiniseni amathuba entsha nasekuthuthukiseni umphakathi kwezomnotho.
Lesi sikhungo siyizithelo zobudlelwano phakathi kwe-eThekwini Municipality, i-Safe-Hub kanye ne-Rexona, okuhloswe ngayo ukunika intsha amathuba angcono empilweni nokwakha ikusasa eliqhakazile emphakathini.
Kulo msebenzi kutshalwe imali elinganiselwa ku-R88 million ukwakha lesi sikhungo sesimanje esisezingeni lomhlaba. UMasipala waseThekwini ubambe iqhaza elikhulu ngokuhlinzeka ngomhlaba, ingqalasizinda kanye nezinsiza ezidingekayo ukuze iphrojekthi ibe yimpumelelo.
UMqondisi Ophethe weSafe-Hub, Florian Zech, uthe ukuvulwa kwalesi sikhungo kubaluleke kakhulu njengoba iKwaMashu ingenye yezindawo ezidinga amathuba amaningi okuthuthukisa intsha.
Uthe lesi sikhungo sizoba yindawo ephephile lapho intsha izokwazi khona ukuthola ukwesekwa, ukuqeqeshwa kanye namathuba okufeza amaphupho ayo.
Ngakolunye uhlangothi, iRexona ngaphansi kwe-Unilever Southern Africa iqinisekise ukuzibophezela kwayo ekuletheni izinguquko oluhle emphakathini. UMphathi Jikelele, Stefan Cloete, uthe umgomo wenkampani ukunika abantu amandla okuqhubekela phambili empilweni, kanti intsha yaKwaMashu izohlomula kakhulu ngalolu hlelo.
USihlalo weKomidi LezokuThuthukiswa Komnotho noHlelo eThekwini, uKhansela Thembo Ntuli, uthe ukuvulwa kweSafe-Hub kuwubufakazi bokuzinikela kukaMasipala ekuthuthukiseni iKwaMashu.
Uthe lesi sikhungo sizoba indawo lapho intsha izofunda khona amakhono ahlukene, ikhule ngokomqondo nangokwezomnotho, futhi yakhe ikusasa elingcono.
Imodeli yeSafe-Hub ihlose ukubhekana nezinselelo ezibhekene nemiphakathi eyayincishwe amathuba phambilini, ngokwakha izinhlelo zesikhathi eside ezigxile ekuqedeni umjikelezo wobumpofu obudluliselwa ezizukulwaneni.
Kulindeleke ukuthi lesi sikhungo siphinde sivuse umnotho wendawo ngokudala amathuba emisebenzi, ukweseka osomabhizinisi bendawo kanye nokuqinisekisa ukuthi intuthuko ihlala izuzisa umphakathi waKwaMashu.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

