Bakhalelwe Amasongo Kasigonyela Abokufika Abangenawo Amaphepha Okugunyaza

Date:

Kushaywe indiva izitolo ezingahambisani nemithetho kwaphinde kwaboshwa abantu bokufika abangama-23 abatholakale beseNingizimu Afrika ngokungemthetho ngesikhathi kunomkhankaso omkhulu wokuhlola ukuthotshelwa kwemithetho eThekwini.

Lo mkhankaso ubuholwa ngamaphoyisa kaMasipala waseThekwini, uphiko lweBusiness Support, uMnyango Wezasekhaya kanye nezinye izinhlaka zikahulumeni. Lo mkhankaso wenziwe emigwaqweni uDkt Pixley KaSeme no-Anton Lembede lapho kuboshwe khona abantu bokufika abangama abangenazo izincwadi ezibagunyaza ukuhlala kuleli, kwaphinde kwavalwa izitolo ezinhlanu ebezingahambisani nemithetho. Lokhu kuyingxenye yemizamo eqhubekayo yeDolobha yokulawula ukuthotshelwa kwemithetho yezokufika, ukuqinisa ukuphepha komphakathi kanye nokubuyisela isithunzi nokuhleleka ezindaweni zamabhizinisi eDurban CBD.

U khansela likaWadi 32, uProtas Mngonyama, obehambisana nalo mkhankaso, uthe kunesidingo sokulwa nobugebengu nezinye izenzo ezingekho emthethweni ezikhungethe idolobha.

Okhulumela amaphoyisa kaMasipala waseThekwini, uColonel Boysie Zungu, uthe bayaziphendula izikhalo zomphakathi mayelana nokwanda kwezitolo ezingekho emthethweni, abantu bokufika abangabhalisiwe, ukungcola, ukudayisa ngomzimba kanye nokudayiswa kwezidakamizwa ngaphakathi naseduze nedolobha.

“Kuboshwe abantu abangama-32 ukuze kuqinisekiswe isimo sabo sokuba seNingizimu Afrika ngokusemthethweni. Ngemuva kophenyo olwenziwe nguMnyango Wezasekhaya, kutholakale ukuthi abangama-23 babo, abaneminyaka ephakathi kwengama-21 nengama-54, bebehlala kuleli ngokungemthetho.” Kusho u Zungu.

Ababoshiwe badabuka e-Ethiopia, eZimbabwe, eMalawi, eTanzania naseChina. UZungu uphinde waqinisekisa ukuthi izitolo ezinhlanu zivalwe ngenxa yokungahambisani nemithetho nemigomo ebekiwe yokusebenza kwamabhizinisi. IDolobha laseThekwini lincome ukubambisana phakathi kwezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo amaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS), uMnyango Wezasekhaya, uMnyango Wezabasebenzi, uMnyango Wezempilo, amaphoyisa kaMasipala kanye nezinye izinhlaka zomthetho.

U Mgonyama uthe bazoqhubeka nemikhankaso efana nalona ngenhloso yokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho, ukugcina ukuthula nokuphepha komphakathi kanye nokwakha indawo ephephile kubahlali, osomabhizinisi nezivakashi eziseDurban CBD.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

kunqanyulwe Izinkontileka Zamaloli Athutha Amanzi

U Meya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, kanye noyisekela likangqongqoshe...

Iqembu Le DA Libhonge Emswanini Kwa Zungu

Amalunga eqembu iDemocratic Alliance (DA) eThekwini athi ukushona kukaCelani...

I Hollywood Foundation Iyaqhubeka Nokuthuthukisa Ukwezethemba Kubantwana

IHollywood Foundation inikele ngo-R250 000 enhlanganweni iSouth African Riding...

Izakhamuzi ZaseWard 105 Zifuna Izimpendulo Ngemuva Kweminyaka Emihlanu Bengenamanzi

Kubantu abayizinkulungwane abahlala kuWard 105, ukuphuma kwelanga nsuku zonke...