Ukhuza Ibuya Umncintiswano We Simon Mabhunu Sabela

Date:

 I KwaZulu-Natal Tourism and Film Authority isimemezele ukuqalwa kokungenelelwa kezindondo I Simon Mabhunu Sabela Film and Television Awards ka-2026 kuzovulwa mhla ziyisi-8 kuNhlangulana.

Lo mcimbi ohlonishwayo uzobanjelwa eThekwini mhla ziyi-10 kuMfumfu wezi-2026, ngesikhathi esifanayo neDurban FilmMart ezokuba kusukela mhla ziyi-10 kuya ziyi-12 kuMfumfu.

Le miklomelo iqanjwe ngegama likaSimon Mabhunu Sabela, ongomunye wabalingisi, abakhiqizi bamafilimu kanye namavulandlela kwezobuciko eNingizimu Afrika. Ihlose ukuhlonipha abantu abenze kahle embonini yamafilimu nethelevishini, ngesikhathi iphinde iqhakambise iKwaZulu-Natal njengendawo ehamba phambili kwezobuciko nokukhiqizwa kwamafilimu e-Afrika.

Imiklomelo ihlonipha abakhiqizi bamafilimu, abalingisi, abaqondisi, ochwepheshe bezobuchwepheshe kanye nabaxoxi bezindaba abaneqhaza ekwakheni ubuwena bamasiko nobuciko eNingizimu Afrika.

ISikhulu Esiphezulu esibambile seKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority, uSibusiso Gumbi, sithe ukuvulwa kokungeniswa kwemisebenzi kuwuphawu lokukhula okuqhubekayo komkhakha wamafilimu nethelevishini esifundazweni.

“Le miklomelo isiphenduke inkundla ebalulekile yokuhlonipha nokuthuthukisa ukuxoxwa kwezindaba zase-Afrika ngaphakathi komnotho wezobuciko waseNingizimu Afrika,” kusho uGumbi.

Uthe ngesikhathi iKwaZulu-Natal iqhubeka nokuheha ukunakwa yimakethe yomhlaba wonke yezokukhiqizwa kwamafilimu nethelevishini, le miklomelo idlala indima enkulu ekuvezeni amathalente, ubuciko kanye nobuhle bomsebenzi owenziwe esifundazweni.

UGumbi uthe lo mkhakha awugcini ngokukhiqiza ukuzijabulisa kuphela kodwa uyasiza ekwakheni amathuba emisebenzi, ukuheha abatshalizimali, ukuthuthukisa amakhono kanye nokukhulisa ezokuvakasha.

Uveze ukuthi ukukhula komkhakha wamafilimu nethelevishini eKwaZulu-Natal sekube nomthelela omkhulu emnothweni njengoba kukhula inani lemikhiqizo eqoshwa esifundazweni, kuphinde kuvele amathalente amasha aqhubeka nokuhlonishwa ezingeni likazwelonke nelamazwe ngamazwe.

UGumbi uthe ngamafilimu nethelevishini, iKwaZulu-Natal iyaqhubeka nokukhangisa ngobuhle bayo bemvelo, amasiko, amagugu nezindawo eziheha izivakashi kubabukeli base-Afrika nasemhlabeni wonke.Unxuse bonke abakhiqizi bamafilimu, izinkampani zokukhiqiza, abalingisi kanye nabanye abasebenza kulo mkhakha ukuba balungiselele ukuthumela imisebenzi yabo ngaphambi komnqamulajuqu.

Ukungeniswa kwemisebenzi kuzovalwa ekupheleni kukaNtulikazi wezi-2026.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Bakhalelwe Amasongo Kasigonyela Abokufika Abangenawo Amaphepha Okugunyaza

Kushaywe indiva izitolo ezingahambisani nemithetho kwaphinde kwaboshwa abantu bokufika...

kuzohlomula Intsha Ngamakhono Ahlukene KwaMashu

Kuvulwe ngokusemthethweni isikhungo esisha sokuthuthukisa intsha, iRexona Safe-Hub, elokishini...

Kuphazamiseke Ukuphakelwa Kwamanzi KwaMashu

Kupazamiseke ukuphakelwa kwamanzi KwaMashu esigcemeni sakwa M kulandela ukugxambukela...

Kuhlakazwe Amawadi Akhele ITheku amanye awelela kuMasipala Wase Mkhambathini.

Kube yimpumelelo ukuphothula uhlelo lokuhlukaniswa kabusha kwamawadi kuMasipala wThekwini...