Zethulwe ngempumelelo izindondo ezizobe zihlonipha abeculi kanye no somabhizinisi ezethulwe i-embolight ephethwe nguNkk Zanele Zaza Mkhize, ongumsunguli kanye ne-CEO ye-Embolights Products, ophinde ebe umphathi we-Artists and Business Impact Awards. Lezi zindondo zihlelelwe ukuba zibe ngomhlaka 8 ku Zibandlela 2024 ngo 10:00 am endaweni yase Red Fern Community Hall Pheonix.
UNkk Mkhize, ekhuluma nephephandaba inkundla uthe inkampani i-Embolights yenza imikhiqizo yasekhaya. “Senza zonke izinhlobo zamakhandlela, imikhiqizo yokunakekela isikhumba nemikhiqizo yokuhlanza. Ngaphandle kokwenza le mikhiqizo, siphinde sinikeze ukuqeqeshwa ngokukhandwa kwemikhiqizo yethu,” kusho uZanele.
Uthi Inhloso yabo ukukhuthaza baphinde bathuthukise amaciko. Baphinde bakhuthaze amaciko ngokuwamema emicimbini wabo nakwezinye izenzo. Uthi banqume ukubahlonipha, ukubazisa ngokwenza le Mikhakha Yemiklomelo ngoba bayazi futhi nabo bayazazi.
Imikhiqizo ye-Embolights kule minyaka embalwa edlule isike yaqokwa izikhathi eziningi ngalokho esikwenzayo yingakho sicabanga ngabo futhi sikhethe iPhoenix ukwenza lo mcimbi ngoba sifuna ukumisa udlame futhi sakhe ubunye phakathi kwama-Afrika nabohlanga lwaseNdiya.”
Siqhubeke sakhuluma nabanye abaqokiwe ukuba babe yingxenye yalo mcimbi. Sibe nengxoxo noZamo Cele waKwamashu, owayenothando olukhulu kwezobuciko. UZamo ube semkhakheni wezobuciko iminyaka eminingi ecula, edlala, enza izwi futhi unobudlelwano obuhle ne-Embolights ne-Music. Ngenhlanhla, waqokwa ukuba abe yingxenye yalo mcimbi.
Njengamanje, ungumphathi weZeezonke Sisonke ku-DStv Channel 169. UZamo usitshele ukuthi uneminyaka engu-41 kuphela ubudala futhi wathola uthando lwakhe kwezobuciko esafunda esikoleni samabanga aphansi, lapho ayehlale ephambili emisebenzini yesikole.
Ngajabula kakhulu ukuqokwa, futhi ukunqoba kuzoba enye impumelelo emsebenzini wami. Amazwi ami eseluleko entsheni yanamuhla ukuthi akukho okungenzeki uma ulandela amaphupho akho futhi uhlonipha wonke umuntu okuzungezile.
Njengomuntu ophila nokukhubazeka, ngibona ithuba lokushintsha “indaba yokuthi ngiyakwazi” nokuhlola amathuba amasha.
Sesiphetha, uNkk Zanele Zaza Mkhize uyasho ukuthi uthando, ukuzinikela, nokusebenza kanzima kubalulekile. Kodwa kwesinye isikhathi kubonakala sengathi akekho onendaba, ngakho sifuna ukubuyisa ukuzethemba futhi sibanikeze amasu futhi sibafundise ngezempilo ngoba abanye babo abasenakho ukuzethemba kanti benza umsebenzi omuhle futhi banamakhono.