Ufike Nohlelo  Lokululekwa Kosonhlalakahle U Shinga.

Date:

Ungqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi KwaZulu-Natal, Mbali Shinga, wethamele umcimbi wokugubha uSuku lomhlaba Lwabasebenzi Bomyango wezenhlalakahle lwango-2026 e Olive Convertion center.

Lo mcimbi ubuqhakambisa ukuhlonipha indima  edlalwa abasebenzi bezenhlalakahle ekwesekeni abantu abasengozini, imindeni kanye nemiphakathi.

Lomcimb uyingxenye yemigubho yomhlaba wonke ehlelwa yi-International Federation of Social Workers, egqamisa umsebenzi walo mkhakha ekukhuthazeni ubulungiswa kwezenhlalo, amalungelo abantu kanye nentuthuko yomphakathi.

Isqubulo sakulonyaka besithi “Co-Building Hope and Harmony: A Harambee Call to Unite a Divided Society,” esikhuthaza ukubambisana ekubhekaneni nezinselelo ezifana nobubha, ukungalingani kanye nodlame olubhekiswe kwabesifazane. Ukuhambela kukaShinga lo mcimbi kuqinisa ukuzibophezela koMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi KwaZulu-Natal ekwesekeni abasebenzi bezenhlalakahle nasekuqiniseni ubudlelwano obuhlose ukuthuthukisa ukulethwa kwezinsiza emphakathini.

“kulomnyango sifike kunencindezi  yezikhala zokusebenza kodwa sakuvala konke lokho bekunezikhala zabasebenzi okumele bebengabaholi. Njengonqonqoshe ohola lomyanga ngibe sengihlela ukuba kubekhona uhlelo oluzosiza osonhlalakahle ngokululekwa ngokomqondo nabo ngoba bona babhekana nezimo ezinzima kodwa akekho oyaye abacinge. Kumele bavikelwe abasebenzi bomnyango ngoba yiba abokuqala ababhekelela imndeni enezinkinga ezahlukahlukeni emphakathi esiyakhele ukududuza”. Kusho u Shinga.

Ukubaluleka kokuvikela isithunzi sezisulu iyonanto ebeyiqhakambisa kulomncimbi wokugubha usuku losonhlalakahle umhlaba wonke. U Nondumisa  Biyase ongusonhlalakahle kwisifunda u Mshwathi osesebenze imnyaka engama -20 uchaze ubudebendlela nezinqinamba ababhekana nazo nsuku zonke. “izinto esibhekana nazo ezinye zikwenza ungakwazi ukulala nobuthongo ebusuku ucabanga lowamndeni okade uhambele ukuthi kazi badleni namuhlanje usuku lwethu siyalujabulela kesikhohlwe nathi osekwenzekile emphakathi okunye kuba zinkinga zabantwan.” Kusho u Biyase.

Abasebenzi basiyine isivumelwano sokuzibopheze ekusebenzeleni umphakathi ngeqiniso nokubuyisa isithunzi kwizisulu.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

U Chithe Usuku KwaMashu Ezibonela Mathupha Idle.

IMeya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, uthathe izinyathelo zokusheshisa...

Selidumela Emanstumpeni Ngokwakhiwa Kwenxanxathela Yezitolo E Ntuzuma

Izinguquko ezinkulu zokuthuthukiswa kwendawo ziyaqhubeka eNtuzuma, kuWard 42, ngenhloso...

Kwandiswe Ezokuthutha Kumasipala WeTheku

IMeya yomkhandlu WeTheku uKhansela Cyril Xaba, wethule ngokusemthethweni izimoto...

UMengameli U Ramaphosa Uncome I Theku Ngokusingatha I 46-SADC Summit

UMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa, uncome uMasipala weTheku ngokusingatha ngempumelelo...