I Qembule Democratic Allience Esifundazweni I KwaZulu Natal Ligxeka Isithombe SikaMandela NoTambo, Ithi ITheku Lidinga Amanzi Nezinsiza.

Date:

Iqembu lezepolitiki iDemocratic Alliance eThekwini seligxeke ukusetshenziswa kwezigidi zamaRandi ekwakhiweni kwezichuse zabaholi bomzabalazo uNelson Mandela no Oliver Tambo, leliqembu eliyinxnye yobuholi bokubusa ngokubambisana kuhulumeni lithi  idolobha lidinga ukulungiswa kwezinsiza zomphakathi kunokwakhiwa kwezikhumbuzo nokuthuthukisa inqalasizinda.

Ogaqele esekuba ngumaya EThekwini u Haniff Hoosen uthi  kuyadumaza ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa egubha lo mcimbi ngesikhathi kunezinkinga ezinkulu zokuhlinzekwa kwamanzi kanye nengqalasizinda eThekwini.

“ITheku lidinga ukuhlinzekwa ngezinsiza, hhayi izithombe. Abantu abaningi bahlala amasonto bengawatholi amanzi ngenxa yokwehluleka kukamasipala ukulungisa ingqalasizinda,” kusho uHoosen.

Uveze ukuthi cishe amaphesenti angama-60 wamanzi ayachitheka ngenxa yokungasebenzi kahle kwemapayipi amanzi. Kwiviki kuyenzeka izindawo ezingaphezulu kwezintathu zibe nezinkinga zamanzi.

U Hoosen uthi idolobha libhekene nenkinga enkulu yokuchitheka kwendle engena olwandle, okuthi ngokwakhe kube nomthelela omubi kwezokuvakasha.

“Indle ingena olwandle kanti izivakashi ebezijwayele ukuza eThekwini sezinciphile ngenxa yale nkinga. Lezi yizona zinto okufanele zibhekwe kuqala, kodwa uhulumeni ukhetha ukusebenzisa imali yomphakathi ezintweni ezingabalulekile,” kusho u Hoosen.

UHoosen uthi iTheku linezindawo zokuhlala ezingekho emthethweni eziningi, lapho izinkulungwane zemindeni zisazabalaza ukuthola izindlu ezinesithunzi.

Amalungu e-DA eThekwini ebebhikisha ngesikhathi kwethulwa lezi zithombe ngenhloso yokukhombisa ukunganeliseki kwawo ngokusebenza kukahulumeni wedolobha.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

kunqanyulwe Izinkontileka Zamaloli Athutha Amanzi

U Meya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, kanye noyisekela likangqongqoshe...

Iqembu Le DA Libhonge Emswanini Kwa Zungu

Amalunga eqembu iDemocratic Alliance (DA) eThekwini athi ukushona kukaCelani...

I Hollywood Foundation Iyaqhubeka Nokuthuthukisa Ukwezethemba Kubantwana

IHollywood Foundation inikele ngo-R250 000 enhlanganweni iSouth African Riding...

Izakhamuzi ZaseWard 105 Zifuna Izimpendulo Ngemuva Kweminyaka Emihlanu Bengenamanzi

Kubantu abayizinkulungwane abahlala kuWard 105, ukuphuma kwelanga nsuku zonke...