Breaking News

ITHEKU LIKULUNGELE UKUSINGATHA I-AFRICA’S TRAVEL INDABA:MBHELE

2 0

Ziqinisiwe ezokuphepha enkabeni yedolobha iTheku, lokhu kuyingxenye yokuqinisekisa ukuphepha kwezivakashi ezingu-9 000 ezivela emazweni omhlab’ahlukene, ukuzokwethamela ingqungquthela i-Africa’s Travel Indaba esingethwe e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, kusukela NgoMsombuluko womhlaka 13 May kuya kuLwesine womhlaka-16 May.

IMenenja yoMkhandlu weTheku uMnu Musa Mbhele uhole uhambo ebekuhloswe ngalo ukuhlola ukuthi kungabe loMasipala usukulungele yini ukusingatha lengqungquthela enkulukazi.Lokhu kwenzeke NgoMsombuluko womhlaka-13 May ekuseni.

Ekhuluma uMbhele uthe ugculisekile ngendlela eziqiniswe ngayo ezokuphepha kanye nokuhamba kahle kwazo zonke izinhlelo zokuthi lomcimbi ubeyimpumelelo.

“Loluhambo akusilona elokwenza kahle kulengqungquthela kuphela, kepha luzosiza ukuthi sithole izixazululo zokuthi iTheku libuyela endaweni yalo yokuba indawo yezokuvakasha ehamba phambili ekubambeni kwemihlangano,ukusingatha izingqungquthela,ukuheha izivakashi kanye nabahwebi. ” Kusho uMbhele.

Loluhambo ebeluholwa iMenenja yeTheku liqale eLangeni Hotel,lwaya nasolwandle kanti luphethe kwingqungquthela i-Business Opportunities Networking Day(BONDAY),nalapho ebekuhlangane osomabhizinisi, ukudingida izindaba ezithinta umnotho, ukuqala kanye nokuphathwa kwamabhizinisi. I-BONDAY iyona okuvulwe ngayo i-Africa’s Travel Indaba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *