Breaking News

INKATHA IFUNA UBUFAKAZI NGEZINSOLO EZIBHEKISWE KUYO

0 0

UMengameli we-Inkatha Freedom Party (IFP) uMnu Velenkosini Hlabisa ufuna kubekwe ubufakazi obuphathekayo mayelana nesigameko sakwaCeza, lapho kwashawa khona amalunga kaKhongolose nokwaqubuka izinsolo zokuthi ashawa ngamalunga e-IFP.

Lesigameko senzeka ngemuva komcimbi owawuhlelwe uhulumeni wokugubha iminyaka engu-110 wokukhumbula ISilo uDiniZulu kaCetshwayo,NgoMgqibelo womhlaka-16 March KwaCeza,OLundi enyakatho neTheku.

Iqembu le-IFP libize isithangami sabezindaba e-Durban Manor Hotel eThekwini,NgoLwesihlanu womhlaka-22 March,ngenhloso yokuphawula ngezigameko ezenzeka kwaCeza.Ekhuluma uMengameli we-IFP uMnu Velenkosini Hlabisa uqale ngokugxeka isigameko esenzeka kusaqhubeka lomcimbi,lapho uNdunankulu kaZulu uMf Thulasizwe Buthelezi wayethula ISilo uMisuZulu kaZwethini,wabanenkulumo owayefaka kuyo igama likaNobhala we-African National Congress (ANC) kwaZulu-Natal uMnu Bheki Mtolo,okuthe kusenjalo kwasukuma owayephethe uhlelo uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uMnu Siboniso Duma waphuca uButhelezi umbhobho wokukhuluma phambi kweSilo kanye noMengameli wezwe.

UHlabisa uthe INkatha yazi ukuthi kungumsebenzi weSilo ukuziqokela uNdunankulu KaZulu,kuphinde kube umsebenzi kaBayede ukukhuza uNdunankulu nxa ephuma esandleni. Wathi akusiwona umsebenzi wosopolitiki ukutshela INkosi yakwaZulu ukuthi ikuphi okumelwe kukhulunye uNdunankulu wakwaZulu.

“Abafowethu nodadewethu ababegqoke umfaniswano Ka-ANC esibabonayo ezithombeni nasezinkundleni zokuxhumana belimele okuthiwa balinyazwe abalendeli be-IFP.Ngenhlanhla umfowethu uMtolo wafonela mina uqobo ngoba ngangikhona emcimbini engibikela ukulinyazwa kwamalunga ka-ANC,isicelo sami engasenza kuMtolo ngoba wabiza ngegama wathi laba abantu abalimaze abantu basuka kwelinye lamahostela eThekwini futhi bafike nomcimbi sewukade uphelile” kusho uHlabisa.

Eqhuba uMengameli we-IFP uthe ucele ukuthi abantu ababekhona kwenzeka lesigameko balekelele ngobufakazi bezithombe noma amavidiyo,ukuze kuzobonakala izigilamkhuba.UHlabisa uthe kulobo bufakazi makwenzeka kubonakala abantu abagqoke izikibha zeqembu lakhe noma kubonakala umholi we-IFP kuzobe kusho ukuthi ngempela iyathintkeka kulesigameko,besiyigungu esiphezulu bayobe sebethatha izinyathelo ezifanele ukulungisa umonakalo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *