I-IFP NETULO LOKUKETULA I-ANC KWAZULU-NATAL

Date:

Kukhulu ukuzethemba eqenjini Inkatha Freedom Party (IFP) esifundazweni iKwaZulu-Natal (KZN) njengoba kuyiwa okhethweni lukazwelonke elizokuba NgoLwesithathu womhlaka-29 ku-Nhlaba 2024.

Lokhu kuhlale obala ngesikhathi leliqembu liqhuba umkhankaso walo wokugcwalisa Inkundla yezimidlalo iMoses Mabhida Stadium,lapho elizokwethula imqulu wezethembiso NgeSonto lomhlaka-10 March.

Lomkhankaso obuholwa uSihlalo we-IFP eKZN uMnu Thamsanqa Ntuli ubuseNewcastle , Madadeni entshonalanga neTheku,Ngomgqibelo womhlaka-2 ku-Ndasa.

  “Imigomo ye-ANC yenza kubenzima ukuthi uhulumeni anxenxe osomabhizinisi batshale izimali zabo ukuze kudaleke amathuba omsebenzi njengoba abantu abasha bengasebenzi.”kusho uNtuli.

I-IFP ithembisa ukuphatha lesifundazwe ngobunono njengoba sebeke bakwenza ngaphambilini. uNdunankulu wokuqala okungu-Frank Themba Mdlalose wakhona eNewcastle owasiphatha kahle isifundazwe sase-KZN. Leliqembu lifuna ukuphinda elakwenza ngo-1994 ku-2024.

UThamsanqa uthe i-KZN iyisizinda sobugebengu, uhulumeni kumele akusukumele ukubulawa kwabantu hhayi abantu abadumile kuphela. Wathi i-IFP ikholelwa ekutheni umnyango wamaphoyisa kumele unikezwe amandla amaningi okuzilawulela wona kwezokuphepha.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Bafolosa Ngamakhansela Aneminyaka Esukela Kumashumi Amabili

 Inkatha Freedom Party (IFP) ithi izimisele ukwakha omasipala abasebenza...

Amaphoyisa Asesiteshini SakwaMashu Athungatha Abasolwa Kwelokubulala

Amaphoyisa asesiteshini saKwaMashu akhiphe isitatimende acela usizo emphakathini ekutholeni...

Bekushiyana Ukwenza Kwinqephu Ka 2026

Indawo I-Durban Exhibition Centre iguquke yaba yindawo yokubukisa ngamasiko,...

Kulindeleke Nabasiki Benqephu Kwi Secret Garden

U Thandeka Nontobeko Ngema owaziwa ngelika Mawhoo, usememezele ngokusemthethweni...