I-Café India iwaqwaqwade emakhanda bonke abenzi bama Bunny Chow KwaZulu Natal. Lokhu kwenzeke emcimbini we-2024 Coca-Cola Bunny Chow Barometer Challenge obuse Blue Lagoon eThekwini ngeSonto, lu-1 kuZibandlela.
Izinkumbi zabantu ebezijabule zijabule ngesikhathi abekade bencintisana abangu-10 belwela ukuklonyeliswa kulo nyaka, kodwa kube yiCafé India egcine yemuka nesicoco sokuba yiBest Bunny Chow kanye no-R50,000 ongukheshi. Sekukonke, abangene kowamanqamu bahlukaniselane u-R100,000 wemiklomelo engukheshi kubaxhasi bomqhudelwano iCoca-Cola Beverages South Africa (CCBSA) Coastal region.
U-Philicia Lalbahadur uhluleke nokuzibamba injabulo, ongumnikazi we-Café India, uncome i-curry wakhe abazenzela wona ekhaya kanye nokuzinikela kweqembu lakhe ngokuwina. “Leli yiphupho ngempela. UNkulunkulu ubephakathi kwale mpumelelo. Ithimba lethu lonke liwubonga ngendlela emangalisayo umsebenzi Wakhe,” kusho yena.
“Ngo-2023, salala isithathu, okwasikhuthaza ukuthi sisebenze kanzima nakakhulu ngo-2024. Ukubuyekezwa okuhle ezinkundleni zokuxhumana kwasinika isikhuthazo esasisidinga. Umndeni wethu ubulokhu uphelelisa lesi sidlo iminyaka, futhi ukuqashelwa ngale ndlela kukhethekile ngempela.
“Siyabonga kakhulu kwabakwa, Coca-Cola Beverages South Africa, ngokulwela ukudla kwasekhaya nokunikeza osomabhizinisi abancane njengami into amathuba ozosiphakamisa. Namuhla, konke ukuzidela kwethu siyiqembu kwakufanele.”
I-Bunny Chow Barometer Challenge ibungaze isibiliboco esithandwayo saseThekwini – isinkwa esimhlophe esigcwele ukhari – ngenkathi ikhombisa ikhono labapheki bendawo.
URichard Willington, oyiMenenja Jikelele yeCCBSA Coastal Region, uncome izinga eliphezulu lomncintiswano. “Lona umncintiswano we-Bunny Chow Barometer Competition ka-15 futhi minyaka yonke izinga linyuselwa phezulu. Lo mqhudelwano ushubile futhi kuncane kakhulu ukwehlukanisa abadlali bethu abaphezulu abayi-10, kodwa sihalalisela iCafé India ngokuba ngumnqobi ofaneleka kakhulu ngo-2024.”
“Siyethemba ukuthi lo mklomelo wemali usiza uPhilicia ukuthi akhulise ibhizinisi lakhe, njengengxenye yokuzibophezela kwethu okuqhubekayo ekwesekeni umkhakha wama-SMME.”
Wengeze wathi: “I-Coca-Cola Bunny Chow Barometer Challenge ayigcini nje ngokugqama ekhalendeni lemicimbi yaminyaka yonke yaseThekwini kodwa futhi iyindlela yokuhlanganisa imiphakathi futhi yeseke amabhizinisi amancane, abalulekile ekukhuleni komnotho.”