BETHULE IMKHIQIZO EMISHA YAMAPHILISI ABE-SELA 

Date:

ISELA iyaqhubeka nokuzibophezela ekukhiqizeni imikhiqizo yezempilo ehambelana nalolonke uhlobo lwemizimba yabantu. 

Lokhu kubonakale ngesikhathi bethula imikhiqizo yabo emisha yamaphilisi angu-16 ahlukene, okuhloswe ngawo ukulekelela ekusizeni ngezidingo ezahlukene zezempilo. Le nkampani yethule la maphilisi emcimbini obuse-Gateway Hotel mhla zingama-25 kuMfumfu, lapho u-Olwethu Pudumo omngumqondisi wezokuthengisa Nezimakethe kwa Sela Product, wachaze kabanzi ngezinhlobo zamaphilisi abanawo.

Uthi lamaphilisi enziwe ngamakhambi esintu ase-Afrika, futhi inhloso enkulu yokuwakhipha wukuthi abantu bakuleli, ikakhulukazi eningizimu ye-Afrika, bakwazi ukuwasebenzisa kalula noma ngabe basemsebenzini noma emakhaya.

Amaphilisi angakwazi ukusetshenziswa abantu abaneminyaka engu-12 nangaphezulu, futhi kubalwa kuwo amaphilisi okubusheleleka kwesikhumba (“Clear Skin”), athuthukisa ukungena nokuphila kwesikhumba. Kukhona amaphilisi alawula izinga likashukela (“Blood Sugar”), asiza ekwehliseni ushukela egazini, kanye namaphilisi axhasa ukulwa nengcindezi nokukhathazeka (“Stress & Anxiety Support”). Kukhona futhi namaphilisi okwesekwa kwamasosha omzimba nsukuzonke (“Immune Daily Support”) kanye nezinye izinhlobo eziningi abahlose ngazo ukuphucula izimpilo zabantu.

Lawa maphilisi atholakala ezitolo ezikhethiwe, kuma-wholesale, nasezindaweni eziningi ezibanzi zamakhemisi ezweni lonke. Aphephile ukusetshenziswa, kanti futhi angathengwa yinoma ubani ngoba inani lakhona liphansi, futhi kulula ukuwasebenzisa nsuku zonke. I-Sela inouchungechunge lwemikhiqizo esekelwe ekuhlakanipheni kwezimfihlo zamakhambi esintu ase-Afrika adluliselwa ezizukulwaneni ngezizukulwane, ngenhloso yokuphucula impilo kanye nokukhulula izimpawu zezifo ezahlukahlukene.

Kulo mcimbi, bekukhona nezikhulumi ezaziwayo njengama-brand ambassadors ale mikhiqizo, kubalwa kubo uMroza Buthelezi noLunathi Mampofu, abebesekela ngamandla ukwethulwa kwalemikhiqizo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Umnyango Wezokuthutha Ukulungele Ukuqapha Isimo Ngesikhathi Samaholidi Ephasika

UMnyango wezokuthutha uvakashele imboni yamatekisi amabanga amade eThekwini ngenhloso...

Zizo Dlana Umlala Kwizindondo Zomkhakha Wezemidlalo

UMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko KwaZulu-Natal usumemezele ngokusemthethweni amagama abantu...

Refinery Revival Boosts Energy Security

The eThekwini Municipality led a high-level oversight visit to...

Bathemisa Ukuxazulula Izinkinga Zamanzi Ngokushesha

Iziphepho zidale umonakalo endaweni yase Howick nezakhelene...