ABASHAYI SIBHAKELE BESIFAZANE BAWUVALE NGEMPUMELELO UMJIKELEZO WESIBILI WE THE RISE OF WOMEN IN BOXING

Date:

Esithombeni: USazisiwe Simon othathe isicoco sokuba ngumpetha we-Bantamweight

INTATHELI YEPHEPHA

Ilokhu iqhubeke njalo imidlalo yesibhakela yabesifazane, eyathulwa eThekwini ngenyanga edlule ebizohambela zonke izifundazwe. Njengoba ihlandla lesi bili libanjelwe eNorth West.

 Lemi dlalo i-Boxing South Africa iyenza ngokubambisana noMnyango Wezobuciko, Amasiko, Ezemidlalo Nokungcebeleka eNyakatho Ntshonalanga idlale i-Rise of Women in Boxing Series yesinile eMatlosana Banquet Hall eKlerksdorp, eNyakatho Ntshonalanga ngempelasonto edlule.

 USazisiwe Simon uthweswe isicoco sokuba ngumpetha omusha we-Bantamweight ngemuva kokuguqisa  uNosiacaswa Dube, emzuliswaneni weshumi eMatloosana Banquet Hall ngoMgqibelo.

 Ekhuluma nabezindaba zeBoxing South Africa, umpetha osanda kugcotshwa isicoco se-Bantamweight uSazisiwe Simon ubejabule kulandela ukunqoba kwakhe okukhulu futhi waveza nezinhlelo zakhe zekusasa. “Ngizizwa ngijabule kakhulu ngoba wonke umsebenzi onzima ube nezithelo futhi manje ngiwine lesi sicoco esihlonishwayo”. Kusho uSimon

“Inhloso yami enkulu elandelayo wukunqoba isicoco sompetha baseNingizimu Afrika kanye nesicoco soMhlaba ngelinye ilanga”. kwengeza uSimon.

 Lemidlalo ye The Rise of Women in Boxing Series ihlose ukugubha kanye nokuthuthukisa abesifazane emdlalweni wesibhakela ngaphakathi nangaphandle kweringi. Uchungechunge lwesibili obubanjelwe e-Klerksdorp, lubone umqhudelwano wabesifazane bonke obubanjelwe eMatlosana Banquet Hall lapho uphromotha wesifazane uMahlatsi Sediane ekhiphe umqhudelwano oyimpumelelo e-Klerksdorp.

Isikhulu esibambile seBoxing South Africa uMnu Erick Sithole uhlabeke umxhwele ngokwenzeke eNyakatho Ntshonalanga futhi ubonge bonke ababambiqhaza ngegalelo labo elihle.

“Sibonga kakhulu kuHulumeni waseNorth West ngokuseseka ngokugcwele lolu hlelo lwethu futhi sibheke ngabomvu ukuba nemiqhudelwano eminingi kulesi sifundazwe ukuze kwandiswe imidlalo yesibhakela ezothuthukisa isibhakela eNorth West, siyabonga kakhulu.” kusho uSithole

 Imidlalo elandelayo ye-Rise of Women in Boxing Series 3 izoba ngasekupheleni kwenyanga ePolokwane, eLimpopo ngoSepthemba 29.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Kuphoqeleke Ukuthi Bevale Abanikazi Bezitolo zabokufika Ngemuva Komkhankaso Wokuhlanza Umgwaqo U Victoria

Zisavaliwe izito zabokufika ezikumgwaqo Victoria Kanye no mgwaqo u...

Ungqongqoshe Umisa Uxhaso Lwe-EPWP Ethekwini Ngenxa Yokungahambi Kahle Kwezimali

UNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nezingqalasizinda, uDean Macpherson, umemezele ukuthi uzomisa...

Buyaqhubeka Ubudlelwane Phakathi Kahulumeni Nesilo Samabandla.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, ube nengqungquthela noNgangezwe Lakhe,...

Oyisekela Likasihlalo Wamakhosi Inkosi U Gumede U Gqamisa Indima Yamakhosi Kwinyanga Yenkululeko

Inyanga ka-Mbasa ihlonishwa njengenyanga yenkululeko, iNkosi u Zwelinzima Gumede...