Abafundi Base JE Ndlovu Bfundiswe Ngamakhono OKubhekana Nezinselelo Zempilo

Date:

Abafundi base-JE Ndlovu High School bathole ulwazi olubalulekile ngezindaba ezithinta impilo yabo nomphakathi ngesikhathi beqeqeshwa ngaphansi kohlelo lwe Empowering Learners Programme

Lolu hlelo luhlanganise abaholi be-RCL abavela ezikoleni ezihlukene zaseKwaMashu. Inhloso kwakuwukubahlomisa ngolwazi ngezinselelo zomphakathi nokubakhuthaza ukuthi bathathe izinqumo ezifanele ngekusasa labo.

Izihloko okwaxoxwa ngazo zibandakanya ukusetshenziswa kwezidakamizwa, ukukhulelwa kwentsha, i-HIV, ukwakha ubudlelwano obunempilo, kanye nokuhlukunyezwa ku-inthanethi. Kubikwa ukuthi izikole eziningi zisazabalaza nenkinga yokwanda kokukhulelwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa phakathi kwabafundi. Lokhu kwenza izinhlelo ezinjengalezi zibaluleke kakhulu.

Abahlengikazi base-KwaMashu Community Health Centre (KCHC) banikeze ulwazi oluphusile ngezempilo yezocansi. Bachaze ubungozi bokuzibandakanya ocansini ungakulungele futhi bagcizelela ukubaluleka kokuzinakekela. Inhlangano i-DeepInk yethule inkulumo ekhuthazayo, ikhuthaza abafundi ukuthi bahloniphe imizimba yabo futhi bazithibe.

“Ngifunde ukuthi akufanele ngilandele nje isixuku. Impilo yami ibalulekile, ngakho kumele ngenze izinqumo ezingcono,” kusho omunye wabafundi.

“Izidakamizwa ziyalibhubhisa ikusasa. Ngizoya ekhaya ngidlulisele engikufunde namuhla,” wengeza omunye.

“Bengingenalo ulwazi olwanele ngezempilo yezocansi, kodwa namuhla sengizizwa nginamandla okuzivikela,” kuphawula omunye umfundi wentombazane.

Amaphoyisa kanye noMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi (DSD) bagxile ekuvimbeleni ubugebengu nasekulweni nodlame olusekelwe ebulilini (GBVF). Othisha bona bagcizelele isidingo sezinhlelo ezisekela abafundi ngokwengqondo nangokomzwelo.

“Lezi zinhlelo zimqoka kakhulu ngoba zikhuluma ngeqiniso abantwana ababhekana nalo nsuku zonke. Zibavulela amehlo bacabange kabanzi ngekusasa labo.”

Umcimbi uphumelele ngenxa yokubambisana phakathi kukahulumeni, izinhlangano zomphakathi, othisha, nabasebenzi bezempilo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Kungenelele Iqembu Lezepolitiki Kolwamanzi.

I-Democratic Alliance ithi uMasipala weTheku kumele uchaze ukuthi kungani...

New schools cricket series launched

South African school cricket is set for a boost...

Bahlabeke Umxhwele Abaningi Kwinkulumo Ye Silo.

ISilo samabandla uMisuzulu kaZwelithini sesinxuse amaZulu ukuthi abuyele kakhulu...

U Xaba Ukhala Ngoku Linyazwa Kwenqalasizinda.

IMeya yomkhandlu ITheku, uKhansela uCyril Xaba, uyaqhubeka nemizamo...