UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, uhole amalungu eKhabhinethi yesiFundazwe ngesikhathi kubanjwe uSuku lweKhabhinethi lwe-Operation Sukuma Sakhe ku Masipala waseMadlangeni ngaphansi kwesifunda i-Amajuba.
Kwizindawo azivakashele uhambele ezinamaprojethi ahlomula kuhulumeni,Lokhu kuyingxenye yomkhankaso wokuqinisa ukuphepha kokudla, uNdunankulu uNtuli uvakashele inhlangano yezolimo yendawo egxile ekutshaleni ubhontshisi, insangu kanye nokufuya onogwaja.
Ekhuluma lapho, uNtuli uthe“Sikhuthaza imiphakathi ukuthi isebenzise umhlaba ngendlela efanele ukuze kuqinisekiswe ukuthi kunokudla okwanele emakhaya. Ukuze kuthuthukiswe ukukhiqizwa kokudla, Ukulethwa kwezithombo kuyisinyathelo esibalulekile ekwandiseni ukukhiqizwa kokudla nasekuthuthukiseni impilo yabantu.” Kusho u Ntuli.
U Ntuli kwinkulumo yakhe ayethule emphakathini ukhale ngokukhulelwa kwezingane ezineminyaka eyishumi, u Ndunankulu ukhumbuze amalungo ophakathi ukuthi umntwana oneminyaka eyishumi usevumelekile ukuthi ahlele umndeni
Umcimbi uphinde wagqanyiswa ukuhlonishwa kwabantu abadala asebephile iminyaka engaphezu kwekhulu, abathole izipho kanye nokudla okumnandi oncamnce. UNtuli ubonge laba badala “Siyanibonga ngokuba ngabagcini bemilando yemindeni, ulwazi lwamasiko namasiko ethu kanye nokuba yimithombo yokuhlakanipha emphakathini.”
Ngesikhathi sohlelo lwe-Operation Sukuma Sakhe, amalungu omphakathi aveze imibono yawo ngezinkinga ezithinta ukulethwa kwezinsiza nenqalasizinda kulendawo. Oyilunga lomphakathi unxuse ukuba uNdunankulu angenelele ekulethweni kwentuthuko efana nokulungiswa komgwaqa kanjalo nokubhekelela abakhubazekile bebekwe eqhulwini makukhona amathuba omsebenzi.
U sihlalo we community police forum esifundazwe u Mabutho Mtshali ukhale ngamasele emfuyo adlangili ngaphansi kwalesi sifunda I Amajuba. “Sekunezinhlaka eseziqeqeshiwe zazezathola izitifiketi kulesisifunda ukuqikelela ukuthi abazitholi sebeboshwa benza okuphambene nomthetho.” Kusho uMtshali. Uphethe ngokuthi banethemba lokuthu kogcina behlile ubugebengu kulesisifunda I Amajuba.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

