Abafundi bakamatikulet sheni abavela eziko leni ezingaphezu kuka-50, kanye nabafundi abavela kumanyuvesi nasemakolishi azinze eThekwini, babambe umhlangano wezinsuku ezimbili we-Youth Employability Indaba kanye ne-Career Expo oqale mhla zingu-20 kuNhlaba. I-Youth Employability Inda ba ibanjwe Ngaphansi kwesiqubulo esithi ‘ Embrace the Digital Era’ futhi ibenengxenye ye-career expo, lapho ababamba iqhaza abantu ababevela ezikhungweni zemfundo ezahlukene kanye nezinkampani zizokhangisa ngemisebenzi abayenzayo. Lokhu kwenzelwa ukusiza abafundi ukuba bazi ukukhetha imsebenzi kanye nokuthola ulwazi ngamakhono abangawenza. Indaba ihlose ukulekelela intsha ngolwazi ukuze iqonde namakhono ahambisa na kakhulu nokuqashwa. Kutholakale ukuthi ziyakhuphuka izibalo zabath weswa iziqu kanye nabafuna imsebenzi abangenawo amakhono adingwa izinhlaka zemsebenzi. Lokhu kuholele ekutheni kube nokwentuleka kwemisebenzi kanjalo namathuba okuqashwa kwintsha yaseNingizimu Afrika anciphe.
