UMASIPALA WETHEKU NESABELO MALI ESIGU-R70.9 BILLION SONYAKA WEZIMALI KA-2025/26

Date:

UMasipala weTheku ugunyaze isabelomali sika-R70.9 billion sonyaka wezimali ka-2025/26 eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre. IMeya yetheku ukhansela uCyril Xaba wethule isabelomali esisha kwisithangami sabenzindaba, lapho aveza khona izinto ezibalulekile njengokuthuthu kiswa kwengqalasizinda, ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi kanye nokuthuthukiswa kokulethwa kwezidingongqangi. ngenkathi kuphasiswa isabelomali, amaqembu ezepolitiki amaningana okuhlanganisa i-ActionSA, i-United Independent Movement kanye neDemocratic Alliance (DA) basichitha lesi sabelomali, bethi “siyehluleka ukubhekana nezidingo zezakhamizi zethu.” Usodolobha uphinde waveza izinhlelo ezimbalwa ezibekelwe ukuthuthukisa ukukhokhiswa nokuqoqwa kwemali engenayo. Lezi zinhlelo zihlanganisa ukufaka amamitha ezindaweni ezingenawo njengamanje, ukuthuthukiswa kwamamitha aphelelwe yisikhathi, kanye nokufundwa kwamamitha njalo ngenyanga. “Sizoqinisa izindlela zokulawula izikweletu ukuze sibuyise izikweletu ezisilele, okuhlanganisa nokunqanyulwa kwezinsiza. Lokhu kuzosebenza nakubasebenzi bakamasipala namakhansela ama-akhawunti awo asalele emuva,” kwengeza uXaba. “Izikhulu kumele ziphendule ngezinsiza ezabelwe zona,” usho kanje. Umgomo kamasipala wezi-2025 no-2026 yilezi: Zingaphezu kuka-5,000 izindlu ezintsha ezizokwakhiwa phezu kwe-MTREF Izixhumi ezintsha zamanzi eziyi-6,000 13,500 ukuxhumeka kukagesi okusha 7,386 , izixhumo ezintsha zendle- 53 km wamapayipi amanzi ang colile. Ukuthuthukiswa kwe 14km yomgwaqo owubhuqu ube yi-blacktop ,Ukwakhiwa kwezinkundla zemidlalo ezintsha eziyi-13, Kuzokwakhiwa imitapo yolwazi emisha emibili futhi ilungiswe kabusha eziwu-13 . Ukulungisa futhi no kuthuthukisa mahholo omphakathi ayi-11, kanye neziteshi zomlilo ezintathu ezintsha.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Kuzothuthukiswa Ezobuchwepheshe Ekukhishweni Kwezitifiketi Zezikweletu Kumasipala

UMasipala waseThekwini usuzokwethula uhlelo olusha olubizwa ngeRevenue Clearance System...

McDonald’s Offers Customers The Opportunity To Enjoy Special FIFA World Cup Meals

As anticipation builds for the FIFA World Cup 2026,...

Bazohlomula Ngamakhono Angeziwe Abamafilimi

Iyaqhubeka inqunquthela yabaqophi bamafilimu abasafufusa, abadlali kanye nabaxoxi bezindaba...

Babe Ngomanqoba Abe Two For Joy FC Kowe Khabba Cup

Iqembu iTwo For Joy FC linqobe iKhabba Cup ka-2026...