UMKHANDLU WASETHEKU UGQUGQUZELA UMPHAKATHI UKUBA UBIKE INKOHLAKALO

Date:

Kubanjwe oqotsheni owesilisa okuthiwa ubezenza umsebenzi kaMa sipala weTheku egcwalisa udizili kwelinye lamagalaji kaphethiloli lapho izimoto zoMkhandlu zithela khona uphethiloli. Umsolwa uboshwe ngemuva kokuthi umyango ulunywe indlebe ophikweni lwe-Municipal City Fleet Directorate ethi kunezimoto zikaMasipala ezifaka udizili izikhathi ezingaphezu kweshumi ngosuku. Abaphenyi beForensic ophikweni

we-City Integrity and Inves tigations Directorate benze uphenyo lokuqala ngemuva kokuthola isikhalazo. Bathole ukuthi i-fuel master, engaphansi koPhiko lwaManzi I-fuel master eyayiset shenziswa bekungeyemo to osekunesikhathi eside imile futhi abazoyilahla njengoMkhandlu. Um solwa ubenezi nombolo zokwebiwa ezifanayo

izinombolo zezimonto zomkhandlu kanye nophawu eceleni kwezi cabha zemoto ukuze kufane nezinye izimoto zikaMasipala. UMqondisi wophiko lweCity Integ rity and Investigations Directorate uJimmy Ngcobo uthe kulokhu abasebenzi bakaMasipala basebenzisana nabantu bangaphandle ukwenza ukukhwabanisa nen kohlakalo. “Izigebengu zinezimoto ezine ezifak we ithangi likaphethiloli elingamalitha angu-750 phansi kweveni ngay inye, udizili wawugcinwe kula mathangi waday iswa kabusha, imoto ngayinye ingenisa imali elinganiselwa ku-R78 000 ngosuku,” kusho uNg cobo. Umsolwa uban jwe oqotsheni ngosizo lwamaphoyisa kaMasi pala kanye nenkampani ezimele iReaction Unit South Africa. Umsolwa kuthiwa nsuku zon ke ubegcwalisa udizili emagalaji kaphethiloli angaphezu kuka-15 edolobheni. kanti ngesikhathi eboshwa ubegqoke umfaniswano kamasipala kodwa wavu ma ukuthi akasebenzi kamasipala, yena qashwe ngumuntu ozimele futhi uhola u-R2000 ngosuku. UNgcobo uthe lobu wubugebengu obuhleliwe futhi kumele busukunyel we kanzima. Unxuse umphakathi ukuthi ubike amacala okuso lakala ukuthi abheki swe kwingqalasizinda kaMasipala. Umsolwa uboshiwe wathweswa icala lokukhwabanisa nenkohlakalo. Uvele enk antolo icala lahlehliselwa u-Agasti.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Kuzothuthukiswa Ezobuchwepheshe Ekukhishweni Kwezitifiketi Zezikweletu Kumasipala

UMasipala waseThekwini usuzokwethula uhlelo olusha olubizwa ngeRevenue Clearance System...

McDonald’s Offers Customers The Opportunity To Enjoy Special FIFA World Cup Meals

As anticipation builds for the FIFA World Cup 2026,...

Bazohlomula Ngamakhono Angeziwe Abamafilimi

Iyaqhubeka inqunquthela yabaqophi bamafilimu abasafufusa, abadlali kanye nabaxoxi bezindaba...

Babe Ngomanqoba Abe Two For Joy FC Kowe Khabba Cup

Iqembu iTwo For Joy FC linqobe iKhabba Cup ka-2026...