Ukuhlangana Kwezombusazwe Ngemva Kokhetho

Date:

Ukugcinwa Kokuthula Ezindaweni zasemalokishini kubalulekile. I-Inanda, Ntuzuma, kanye noMashu (INK) zaziwa ngokuba nezinga eliphezulu lobugebengu nobubha. Iningi lezakhamizi libhekene nezinselele ezahlukene, kuhlanganisa nokugcinwa kokuthula phakathi kwazo. Ngemva kokhetho, izifunda izakhamuzi zaku-INK zibhekene nezinselelo eziningi okuhlanganiswa  amaqembu ezombusazwe ahlukene, okusho ukucindezeleka okwengeziwe emphakathini osuvele unamakhanda amaningi.

Ubunzima Bokuhlanganiswa Kwezombusazwe okuhlanganisa amanqembu ezombusazwe  ngemva kokhetho kuletha izinselele eziningi. Amaqembu afanele asebenze ndawonye, kube nokungaboni ngaso linye kaningi. Umphakathi kufanele ubhekane nezingcindezi zomnotho kanye nezinkinga zenhlalakahle, ngakho-ke ukuhlangana kokuhulumeni kufanele kube isinyathelo esiqondile sokuthuthukisa izimo zomphakathi.

Iphephandaba i-Inkundla Yezindaba liqoqe imibono evela kumphakathi ngemva kokhetho. UMbali Ndlovu, owayengumsebenzi wokuthula phecelezi peace officer, obesebenzela eziteshini ezahlukene zokuvota, uphawule wathi: “Umoya wokusebenza ndawonye kufanele uqale eziteshini zokuvota lapho amaqembu ezombusazwe ebekwa ndawonye ukuba abe izwi lomphakathi. Abaningi babo abazi ukuthi bangasebenza kanjani nomphakathi ngoba banemigomo yabo siqu. Kuhulumeni wokuhlanganyela kumele bafunde ukusebenza njengeqembu.”

Umabongi osebenzela e Ward 54 onekulisa yezingane aphinde abe nenhlangano yakhe yomphakathi, uthe ukuze uhulumeni wokuhlanganyela uphumelele. kubalulekile ukuthi amaqembu asebenze ndawonye ngenhlonipho. Ukubambisana kufanele kube yisisekelo sokuhlanganisa izinhlelo zokuthuthukisa umphakathi. Ngaphandle kwalokho, izinselelo ezibhekene nomphakathi we-INK zizoqhubeka nokuba khona ngaphandle kwesixazululo esibonakalayo. Ukuqinisekisa ukuthi uhulumeni  wokuhlanganyela uyingxenye yombono wokuthuthukisa umphakathi, kanye nokugcinwa kokuthula, kubalulekile ukuthi abaholi abathembekile kanye nokuqiniswa kwemigomo yokubambisana, i-INK ingathuthuka futhi ibhekane nezinselelo zobugebengu nobubha ngendlela ebonakalayo.

Ukuqinisekisa ukuthi wonke amalungu omphakathi azizwa evikelekile futhi enesithunzi, kuhulumeni wokuhlanganyela, kuyisinyathelo esibalulekile ekugcinweni kokuthula.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Izakhamuzi ZaseWard 105 Zifuna Izimpendulo Ngemuva Kweminyaka Emihlanu Bengenamanzi

Kubantu abayizinkulungwane abahlala kuWard 105, ukuphuma kwelanga nsuku zonke...

Ukhale Wamuka Nomngani Oxoshwe ngomlayezo ka  Whattapp

IDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal yamukele amakhansela amabili aseThekwini...

Seziqalile Izinxoxo Zokubhunga Ngokukhulisa Umnotho

Sonto Lezimboni le-SADC (SADC Industrialisation Week) liwumcimbi omkhulu wale...

Amazulu Anqobe Iminyaka Ilandelana Kowesifundazwe.

Iqembu i-AmaZulu FC linqobe iPremier's Cup ka-2026 ngemuva kokushaya...