Breaking News

OWE-DA UFUNA KUGUQULWE ISIMO SEZIBHEDLELA

2 0

Ukhathazwa isimo sezibhedlela zikahulumeni uMnu Christopher Pappas iqembu le-Democratic Alliance (DA) elifolose ngaye kwesokuba uNdunankulu waKwaZulu-Natal. Lokhu ukusho ngaphandle kwesibhedlela iRk Khan eChatsworth eningizimu neTheku, NgoLwesihlanu womhlaka-1 March,ngesikhathi leliqembu lethula umkhankaso wokufaka izinqwembe zokunxenxa amavoti njengoba kuyiwa okhethweni lukazwelonke oluzokuba NgoLwesithathu womhlaka-29 May. 

Ekhuluma uPappas uveze ukuthi izibhedlela zikahulumeni ziphethwe budedengu, wathi ubufakazi balokho ukuthi abaholi benhlangano ebusayo basebenzisa izibhedlela ezikhokhelwayo. 

“Kumele sitakule abantu baKwaZulu-Natal sibakhiphe osizini, iyangihlupha indlela izibhedlela zikahulumeni eziyiyona. Abantu bakithi bavele bagula kakhulu kulezibhedlela kunokuthi babengcono. Kumele kulungiswe isimo senhlanzeko,ukwenza isiqiniseko sokuthi zonke izinsinza kusebenza ziyatholakala kanye nokuqashwa kwabahlengikazi nodokotela abaqeqeshwe ngokusezingeni eliphezulu” Kusho uChristopher. 

Eqhuba lomholi uthe bona njengeqembu le-DA bazimisele ukulungisa lomonakala, iqobo uma benganqoba lesifundazwe iKwaZulu-Natal.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *