Breaking News

I-IFP NETULO LOKUKETULA I-ANC KWAZULU-NATAL

6 0

Kukhulu ukuzethemba eqenjini Inkatha Freedom Party (IFP) esifundazweni iKwaZulu-Natal (KZN) njengoba kuyiwa okhethweni lukazwelonke elizokuba NgoLwesithathu womhlaka-29 ku-Nhlaba 2024.

Lokhu kuhlale obala ngesikhathi leliqembu liqhuba umkhankaso walo wokugcwalisa Inkundla yezimidlalo iMoses Mabhida Stadium,lapho elizokwethula imqulu wezethembiso NgeSonto lomhlaka-10 March.

Lomkhankaso obuholwa uSihlalo we-IFP eKZN uMnu Thamsanqa Ntuli ubuseNewcastle , Madadeni entshonalanga neTheku,Ngomgqibelo womhlaka-2 ku-Ndasa.

  “Imigomo ye-ANC yenza kubenzima ukuthi uhulumeni anxenxe osomabhizinisi batshale izimali zabo ukuze kudaleke amathuba omsebenzi njengoba abantu abasha bengasebenzi.”kusho uNtuli.

I-IFP ithembisa ukuphatha lesifundazwe ngobunono njengoba sebeke bakwenza ngaphambilini. uNdunankulu wokuqala okungu-Frank Themba Mdlalose wakhona eNewcastle owasiphatha kahle isifundazwe sase-KZN. Leliqembu lifuna ukuphinda elakwenza ngo-1994 ku-2024.

UThamsanqa uthe i-KZN iyisizinda sobugebengu, uhulumeni kumele akusukumele ukubulawa kwabantu hhayi abantu abadumile kuphela. Wathi i-IFP ikholelwa ekutheni umnyango wamaphoyisa kumele unikezwe amandla amaningi okuzilawulela wona kwezokuphepha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *