Ikhansela elisanda kukhethwa le-ActionSA kuMasipala weTheku, uNhlanhla Mqadi, kulindeleke ukuthi aphinde avele enkantolo yemantshi yaseThekwini mhla zingama-23 kuLwezi, ngemuva kokubekwa icala lokushaya owayengumphathi wezokukhangisa kuVibe FM, uBongekile Mkhwanzi.
Lesi sigameko senzeka ngoNhlangulani kwi hotela lase Royal Majesty eThekwini ngenthi isisulusicela imali yokubuyela kumpathi wakhe u Lucky Dlamini ukuze abuyele lapho ahlala khona ngemuva kokuphela ko msebenzi
UMkhwanzi ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa abesaqhuba uphenyo ngalolu daba, nokuthi seluphothuliwe, nokuholele ekutheni uMgadi abekwe icala.
Uthe ufuna ubulungiswa bulandelwe futhi umthetho wenze umsebenzi wawo.”Ngifuna umthetho wenze umsebenzi wawo ukuze nami ngithole ubulungiswa,” kusho uMkhwanzi.
Uphinde waveza ukukhathazeka ngendlela athukwa ngayo ezinkundleni zokuxhumana, lapho abanye bethi ukhokhelwe ngokuvula icala futhi bebuza ukuthi kungani ethathe isikhathi eside kangaka.
Uthe ufisa abantu bathole lonke ulwazi ngodaba ngaphambi kokumgxeka.”Ngifisa abantu balazi lonke iqiniso ngaphambi kokuthi bangithuke. Ngavula icala ngenyanga kaLwezi, kodwa ngenxa yophenyo kuthathe isikhathi. Manje seluphothuliwe kanti usebekwe icala,” kuphetha uMkhwanzi.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.
