Ukhala Ngomhlomulo We Ngonyama Trust Oka Zwelithini

Date:

Inyanga ka Mandulu e Ningizimu Afrikha yaziwa njengenyanga yamagugu nezokuvakasha. UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli kanye neSilo uMisuzulu kaZwelithini bahole ngokubambisana imigubho yoSuku Lwamagugu Umkhosi weLembe. Lolu suku oluyingqophamlando luqale ei ngomkhuleko kanye nomcimbi wokubekwa kwezimbali elibeni leSilo uShaka kaSenzangakhona KwaDukuza.

Umncimbi omkhulu uqhubeke e King Zwelithini Stadium lapho bekuhlangene khona amabutho ngamaNazaretha kanye nezintombi. U Ntuli unxuse Isilo Misuzulu KaZwelithini ukuba angenelele odabeni lokubulawa nokuhlukunyezwe kwabesifazane. U Ntuli wasungula umkhankaso othi ‘’Silwa nechilo’’ okungumkhankaso olwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. “Siyanxusa silo Silo enkulumeni yakho yanamuhla nakusasa uyiphake , ezweni lakho asakhona amadoda, abanomzane, kanye nezinsizwa ezikulungele ukuphakwa kuliwe nechilo lokubulawa kwabesifazane nezingane. Akukho okuningi esizokucela nesizokusho kulomncimbi ukulwa nesihlava esibhekiswe kwabesifazane. Siyanxusa kuzo zonke izinhlaka zika hulumeni ukuthi okuzoshiwo yisilo akukwazi ukuwela phansi.” Kusho u Ntuli.

U Meya womkhandlu weTheku  Cyril Xaba ukuthaze izinkumbi zabantu ukuthi zilwe nobugebengu zibambisane ukulwisana nobugebengu. “Lolusuku lubalulekile kakhulu ngoba ngusuku lweskhumbuzo lwesilo sakwaDukuza. Sibungaza ubunye namaciko aseNingizimu Afrikha kubalulekile ukugcina amasiko ukuze nesizukulwana siyokwazi ngama siko ethu.” Kusho U Xaba.

Isilo u Misuzulu KaZwelithini kwinkuluma yakhe yosuku ukhale ngohulumeni ohlongoza ukuqwaga Inkonyama Trust kanjalo nokungavikeleki emzini waso. U Misuzulu ka Zwelithini uthi ayikho incosana ehlomulisa Indlunkulu kwiNgonyama Trust. “Uhulumeni akakwazi ukuthi uzothatha izinto zengonyama Trust ziye ngakuye lesiskhwama sasiqalelwe thina Mazulu. Akungahlomuli abathile ipilotiki ikhombisa ukugxambukela kwezinye izinto ezingayidingi”. Kusho Isilo.

Isilo sikhale ngokungaphephi Kwaso Kubulawa abantu ababili phambi komuzi was oose Mashobeni. Isigameko senzeke kubanjwa imoto yemali.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Kuzohlinzekwa Osopolitiki Ngoqeqesho Lokhetho

Umkhandlu weTheku ubambe ingxoxo ekhethekile nabezindaba nenhlangano ebhekelele ukhetho...

GBV Command Centre records sharp rise in calls as Department urges victims to speak out

More people are reaching out for help as concerns...

86 North West community caregivers graduate with child and youth care qualifications

Eighty-six Community Caregivers from disadvantaged communities across North West...

Kwethulwe indiza entsha ezoxhumanisa iTheku ne-Addis Ababa

Kwethulwa kohambo lwendiza oluqondile phakathi kweTheku ne-Addis Ababa e-Ethiopia....