Umkhandlu weTheku ubambe ingxoxo ekhethekile nabezindaba nenhlangano ebhekelele ukhetho lukazwelonke I -Independent Electoral commission (IEC) e Botanic Garden. U Sibongiseni Nkomo ovela kwa IEC ugcizelele ukubaluleka kokuthi umphakathi uzilungiselele ukhetho oluzayo, wathi abantu kumele baqinisekise ukuthi bayalwazi usuku lokhetho kanye nezinqubo zokuvota. Ukuqikelela ukuvota kuhambisana nentando yeningi.
UNkomo uthe kubalulekile ukuthi kube nemihlangano yokuxoxisana namaqembu ezepolitiki ukuze kuqinisekiswe ukuthi wonke amaqembu ayazazi izinqubo nemithetho okumele ilandelwe ngesikhathi sokhetho.
‘Inhloso yokuhlanganyela nabezindaba ukucacisa okanye ukuveza ukuthi ikhomishana seyikuphi namalungiselelo okhetho oluzayo lwango mhlaka 04 KuLwezi 2026, ukuze kube nokhetho kumele kube khona uqeqesho olukhona kosopolitiki kanye nabazosebenza ngosuku lokuvota. Okubalulekile ukuthi sikhuthaza abahlali base Nigizimu Africa ukuthi bephume ngobuningi ukuyovota ukuvumelana nentando yeningi. Sinentshisakelo yokuthi wonke umuntu omusha nomdala aphume ayovota.’’ Kusho u Nkomo.
Uphinde wathi abantu kumele babe nolwazi olugcwele mayelana nokhetho, bagweme udlame kanye nokusabalalisa ulwazi olungelona iqiniso. U Nkomo ugcizelele ukuthi wonke umuntu ofanele ukuvota kumele asebenzise ilungelo lakhe lokuvota, ngoba izwi lomuntu ngamunye libalulekile ekwakheni ikusasa lomphakathi. Uphinde wanxusa abantu ukuthi balalele izinhlelo nezinqubomgomo zamaqembu ahlukene, bese benza izinqumo zabo ngokwaziswa nangokuthula.
‘Okunye okubalulekile ukwazisa umphakathi ngokuthi banelungelo lokucela Kathathu ibhepha lokuvota uma uwenze iphutha kwaphumela kwelinye iqembu. Siyakhuthaza ukuthi umphakathi uwazi amalungelo awo okuvota’.’ Kusho u Nkomo.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


