Indawo I-Durban Exhibition Centre iguquke yaba yindawo yokubukisa ngamasiko, umlando nobuciko ngesikhathi kubanjwe umcimbi wenqephu wama-15 I Durban Fashion Fair (DFF), obungo-16 kuya ku-18 KuMandulo 2026. Lo mcimbi obubanjwe ngaphansi kwesiqubulo esithi “Where Legacy Lives”, uhlanganise abasiki bengqephu asebemnkantsh’ ubomvu, abasafufusa kanye nosomabhizinisi abasebenza emkhakheni wezemfashini.
Kubambe iqhaza abasiki bengqephu ababalelwa ku-84, okubalwa kubo abangu-20 abasafufusa ababeyingxenye yekilasi lika 2026. Bekukhona nabasiki bengqephu abavela kwamanye amazwe okuyise Zimbabwe, eNamibia, eDemocratic Republic of Congo, eBotswana naseSeychelles. Indikimba yalo nyaka igxile ekutheni abasiki bengqephu basebenzise amasiko, ubuwena, amagugu nezindaba zabo ukuphendula imfashini yesimanje.
Ngosuku lokuqala, kubonakale ubuciko base-Afrika lapho kukhonjiswe khona izingubo zabasiki bengqephu okubalwa kubo uDineo Khumalo, EYC Couture, Diablotic Off-Ice Cotton, M-Shade kanye neVialli Jeans. U Vialli Jeans noM-Shade bakhombise amasiko aseNingizimu Afrika ngokusebenzisa umculi kamaskandi uSenzo Zondi, odume ngelikaNtencane, kanye nowayengumsakazi uNgizwe Mchunu. Usuku lwesibili belugxile ekuthuthukiseni abasafufusa, njengoba abasiki bengqephu abangu-20 beDFF Class of 2026 bethole ithuba lokuqala ukukhombisa umsebenzi wabo emsamo ngemuva kokuqeqeshwa nokwelulekwa isikhathi eside.
USihlalo weKomidi lezoThuthukiswa koMnotho nokuHlelwa eThekwini, uKhansela Thembo Ntuli, uthe iDFF isisize abasiki bengqephu abaningi ukuthi bathole amathuba emisebenzi nezimakethe. Uphethe ngokuthi eminyakeni engu-14 edlule, bangaphezu kuka-375 abasiki bengqephu abaqeqeshiwe, kwathi abangu-325 baba ngosomamodeli.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


