Kulindeleke Nabasiki Benqephu Kwi Secret Garden

Date:

U Thandeka Nontobeko Ngema owaziwa ngelika Mawhoo, usememezele ngokusemthethweni umncimbi obizwa nge-Secret Garden, ozokuba senkabeni yedolobha e Grayville mhla zingama-28 kulwezi 2026. Kulindeleke izihlabane zabaculi kanye nabasiki benqephu kulomncimbi ka Mawhoo.

UMawhoo uthe ukhethe ukuletha lommcimbi esifundazweni I KwaZulu-Natal ukuze axhumane nomphakathi futhi agubhe uhambo lwakhe kwezomculo nabalandeli bakhe. Uphinde wakhuluma ngesifiso sakhe sokuthi ngelinye ilanga ashiyelane inkundla nezihlabani zomhlaba, uBlack Coffee kanye Chris Brown.

Ingqikithi ye-Secret Garden igxile esifisweni sikaMawhoo sokwakha ubudlelwano phakathi komculi nezethameli, ngokusebenzisa umculo odlalwa bukhoma kanye nokuxhumana kwabantu.

“Yize i-AI ikhona futhi ubuchwepheshe bushintsha indlela esiwuzwa ngayo umculo, ngisafuna umphakathi wami uzwe izwi lami futhi ungibone ngendlela eyiqiniso. Ngifuna ukusondelana nabantu bami, ngicule neqembu lomculo elidlala bukhoma futhi ngibanikeze isipiliyoni lapho bengawuzwa khona umculo futhi baxhumane nami,” kusho uMawhoo.

UMawhoo uzoba yisihlabani esiphambili kulo mcimbi ehambisana neqembu lakhe lomculo elizodlala bukhoma, kanye nabanye abaculi bakuleli nabakwamanye amazwe.I-Secret Garden ayigxilile kuphela emidlalweni yasesiteji, kodwa ihlelwe njengohlelo lokuzijabulisa nolwendlela yokuphila, oluzoqala emini luqhubeke kuze kushone ilanga bese lungena emicimbini yasebusuku.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Bekushiyana Ukwenza Kwinqephu Ka 2026

Indawo I-Durban Exhibition Centre iguquke yaba yindawo yokubukisa ngamasiko,...

Selidumela Emansumpeni Kuhlelo Lwe Go! Durban

UMeya womkundlu ITheku, uKhansela Cyril Xaba, uvule ngokusemthethweni i-Eleventh...

Kungenelele Iqembu Lezepolitiki Kolwamanzi.

I-Democratic Alliance ithi uMasipala weTheku kumele uchaze ukuthi kungani...

New schools cricket series launched

South African school cricket is set for a boost...