IHollywood Foundation inikele ngo-R250 000 enhlanganweni iSouth African Riding for the Disabled Association (SARDA) eSummerveld, eHillcrest, ukuze iqhubeke nokuhlinzeka mahhala ngezifundo zokwelapha ngokusebenzisa amahhashi ezinganeni ezikhubazekile.
Lolu hlelo lusiza izingane ezinezinkinga zokukhubazeka ngokomzimba nangokwengqondo ukuba zithuthukise ukuzethemba, ukugxila, ukuxhumana nabanye kanye nokusebenza komzimba.
Umphathi wezokuxhumana kwaHollywood Group, uDevin Heffer, uthe lolu xhaso luzoqinisekisa ukuthi iSARDA iyaqhubeka nokugxila ekuthuthukiseni izingane ngaphandle kokukhathazeka ngezindleko zokuqhuba uhlelo.
“Lapho sibona injabulo nokuthuthuka kwalezi zingane, siyabona ukuthi lokhu akukhona ukwelashwa kuphela, kodwa kuyindlela yokwakha ukuzimela nethemba ngekusasa,” kusho uHeffer.
Usihlalo weSARDA Durban, uLibby Durk, uthe ingane ngayinye idinga amavolontiya amathathu ngesikhathi sezifundo, okwenza izindleko zokuqhuba lolu hlelo zibe phezulu.
“Lolu xhaso luzosisiza siqhubeke nokuhlinzeka ngezifundo mahhala futhi lwenze izingane eziningi zithole leli thuba,” kusho uDurk.
Omunye wabazuzi balolu hlelo, uXayah Rampal (7), obehlushwa ukukhathazeka nokungakwazi ukuxhumana kahle nabanye ngenxa ye-autism, usekhombisa intuthuko enkulu selokhu aqala ukwelashwa eSARDA.
Unina, u-Arthi Rampal, uthe indodakazi yakhe isizethemba kakhulu, isiyakwazi ukugxila futhi isebenzisana kangcono nabanye.
Uthisha waseThe Browns’ School, uMaxine Spalding, uthe usebonile abafundi abaningi bethuthuka ekuxhumaneni, ekulinganiseni umzimba, ekuzethembeni nasekugxileni ngenxa yalolu hlelo.
Uthe ukwesekwa yiHollywood Foundation kuzoqinisekisa ukuthi izingane eziningi zisazoqhubeka nokuzuza kulolu hlelo olubalulekile.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


