Onqobe kumjaho omkhulu weDundee July 2026, uSiyabonga “Zozo” Mabaso we sifunda I-Amajuba District, usecele ukuthi kwandiswe uxhaso nemiklomelo emijahweni yamahhashi, ethi lo mdlalo usuyindlela yokuziphilisa kubantu abaningi ngenxa yokungabibikho kwamathuba omsebenzi.
U zwakalise isicelo sakhe izibalo zakamuva ze-Statistics South Africa (Stats SA) ziveza ukuthi izinga lokungasebenzi eNingizimu Afrika limi ku-32.7%, okuyinkomba yokuthi abantu abaningi, ikakhulukazi abasezindaweni zasemakhaya, basazabalaza ukuthola amathuba omsebenzi.
UMabaso ukhulume ngemuva kokunqoba iMain Race (Race 12) ebixhaswe yi-Amathole Funerals okuyinkanpana kamasincwabisane ozinze khona e Dundee, lapho egibele khona ihhashi uMpendulo, eliphethwe nguZ.B. Mtambo, walala endaweni yokuqala, wazitholela u-R600 000 emalini yomklomelo eyayingu-R1 million ifakwe ngu Vezokuhle Nala ongumsunguli we Amathole funeral.
Yize ebephuma elimele emlenzeni owodwa, uMabaso ukwazile ukunqoba umjaho. Uveze ukuthi injabulo yakhe inkulu ngokuthi umsebenzi awuthandayo usamnika ithuba lokuziphilisa.
“Ngijabule kakhulu ngokuwina. Ngifisa abaxhasi baqhubeke nokwandisa imiklomelo ngoba abantu abaningi bathembele ekugibeleni amahhashi ukuze bondle imindeni yabo njengoba amathuba omsebenzi emancane ukulimala kwami kube yinto nje eyenzekile ngishawe yihash likazakwethu kodwa ke kunqobekile’’. Kusho uMabaso.
Ngaphezu kokuwina umjaho omkhulu, uMabaso udlale imqhudelwane emihlanu, wanqoba emithathu, kwathi kweminye emibili waqeda endaweni yesibili, okumenze waba ngomunye wabagibeli abavelele ngosuku.
Ndunankulu wesifundazwe I KwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, uhambele umcimbi weDundee July Traditional Horse Racing, ephelezelwa ngoNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uMntomuhle Khawula, kanye noNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo (EDTEA), uMfundisi Musa Zondi, uncome izinga lokukhula kwalomncimbi nokukhangiseka kwezokuvakasha namathuba omsebenzi kubagibeli bamahashi kanye nabanikazi bawo. “IDundee July isikhule yaba ngomunye wemicimbi emikhulu esifundazweni, ehlanganisa imfashini, ezemidlalo, ubuciko namasiko omlando. Lo mcimbi uheha izinkulungwane zababukeli minyaka yonke futhi ufaka isandla ekukhuliseni umnotho wendawo’’. Kusho u Ntuli.
Amahhashi angaphezu kuka-200 eqhudelane khona ngemiklomelo ecishe ibe ngu-R3 million, okuqhubeke nokuqinisa isithunzi salo mcimbi njengomunye wemijaho emikhulu yamahhashi esintu eNingizimu Afrika oba e-Endumeni Racecourse.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

