Umasipala Uthuthukisa Umphakathi Ngokusebenzisa Ezobuchwepheshe

Date:

UMasipala weTheku uthi uzosebenzisa idatha (data) ukusheshisa ukulethwa kwezinsiza emphakathini, ukuthuthukisa ukuhlelwa komsebenzi nokwenza izinqumo ezisekelwe ngobufakazi. Lokhu kumenyezelwe ngesikhathi kubanjwe umhlangano wokucobelelana ngolwazi nge-Data Strategy Empowerment Workshop, obuhlanganise izikhulu zikamasipala, amakhansela nabanye ababambiqhaza ngenhloso yokuqinisa indlela yokusebenzisa idatha ekuphathweni kwedolobha.

Usihlalo weKomidi Lezokuphatha Nezabasebenzi, uKhansela Nkosenhle Madlala, uthe ikusasa lokulethwa kwezinsiza lincike ekusetshenzisweni kwedatha ngendlela efanele.

“Ikusasa lokulethwa kwezinsiza liqhutshwa idatha. Ngokuyibheka njengengqalasizinda ebalulekile kuMasipala, sizokwazi ukuhlela kangcono, siphendule ngokushesha ezidingweni zabantu futhi sixhumanise imiphakathi nezinsiza eziyidingayo,” kusho uMadlala.

Uthe isu ledatha aligxili kubuchwepheshe kuphela, kodwa lihlose ukwenza ngcono impilo yezakhamuzi ngokuthi zonke izinqumo zithathwe kusetshenziswa ulwazi olunembayo noluthembekile.

“Sifuna izakhamuzi zithole izinsiza ezingcono, ezishesha ukufinyelela futhi ezihlelwe ngobuhlakani. Sakha uMasipala ophendulayo, oziphendulelayo futhi olungele ikusasa ukuze usebenzele wonke umuntu,” kusho u Madlala

Kulo mhlangano kuboniswe izinhlelo zobuchwepheshe ezifana namadeshibhodi edijithali, amathuluzi okuhlaziya idatha kanye nezinhlelo zokubika ezisiza uMasipala ekuhleleni umsebenzi, ekuqapheni ukusebenza nasekuletheni izinsiza ngendlela ephumelelayo.

UMadlala uthe i-Strat Hub isiza uMasipala ukwenza izinqumo ezisekelwe olwazini olutholakala ngesikhathi sangempela, okwenza kube lula ukuhlela nokuletha izinsiza ngendlela efanele.

Ugcizelele ukuthi impumelelo yalolu hlelo izoncika ekuphathweni kahle kwedatha, ebuholini obuqotho, emigomeni eqinile nasekuqeqesheni izisebenzi ukuze zikwazi ukusebenzisa nokuvikela idatha ngendlela efanele.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Bashiyelane Inkundla Ngemisebenzi Yesayensi Abafundi

I-South African Environmental Observation Network (NRF-SAEON) ibambe inkomfa yezikole...

Ukhuthaze Umphakathi Ukuba Uhlolele Umdlavuza.

UNgqongqoshe wezempilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane, usenxuse amadoda ukuba ayeke...

Kuqwashiswe Ngokuguquguquka Kwesimo Sezulu

Umhlangano obubanjwe eDurban Botanic Gardens, uhlanganise izintatheli, ososayensi abafunda...

Kusale Oyedwa Kwabathathu Abe MarchAndMarch.

Lihlehlele uLwesihlanu womhlaka 16 kuMfumfu 2026 icala labasolwa ngophehla...