Isigameko sokudilika kodonga ebandleni lamaNazaretha eBuhleni Village e Nanda, esishiye abantu abayisishiyagalombili belimele ekuqaleni kwaleli sonto, iMeya yeTheku uMkhandlu uCyril Xaba usethumele ithimba longoti abahlukene ukuze baqaphe futhi banikeze ulwazi kuzo zonke izinhlelo zokwakha ezenziwa kuleli bandla.
UXaba uvakashele leli bandla ephelezelwa oyisekelaleMeya uMkhandlu uZandile Myeni, amakhansela kanye nabaphathi abaphezulu bakaMasipala. Inhloso yalolu hambo bekuwukwethula ithimba lochwepheshe elizosebenzisana nobuholi beBandla lamaNazaretha ukuqinisekisa ukuthi yonke imisebenzi yokwakha ihambisana nemithetho yezokwakha nezindinganiso zokuphepha.
Ubuholi bebandla buyamukele le ngxenye yokwesekwa nguMasipala, bazibophezela nokusebenza ngokubambisana neTheku ukuze kuvinjelwe ukuthi izigameko ezifana nalesi ziphinde zenzeke esikhathini esizayo.
Lelithimba lizohlanganisa ongoti kwezokwakha, ezobunjiniyela, ukuhlolwa kwezakhiwo, abezimo eziphuthumayo kanye nabanye ochwepheshe abazobhekelela ukuthi yonke imisebenzi yokwakha ihambisane nemithetho nemigomo yokuphepha.
Ekhuluma ngesikhathi evakashele le ndawo, uXaba uthe uyabonga ngokuthi lesi sigameko asizange sidale ukulahleka kwempilo.
“Nakuba sidabukiswe yilesi sigameko esingesihle, siyabonga ukuthi akukho mpilo elahlekile. Imicabango nemikhuleko yethu ikubantu abalimele kanye nemindeni yabo,” kusho uXaba.
Uthe ukuvakashela kwaleli bandla kukhombisa ubumbano lukaMasipala neBandla lamaNazaretha, kuphinde kuqinisekise ukuzibophezela kweTheku ekwesekeni ibandla nasekuqiniseni izindlela zokuphepha ukuze kugwenywe izigameko ezifanayo.
UXaba ugcizelele ukubaluleka kokuthi yonke imisebenzi yokwakha yenziwe ngokuhambisana nezimvume ezisemthethweni, imithetho yezokwakha kanye nezindinganiso zobunjiniyela.
“Leli thimba lochwepheshe lizohlinzeka ngesiqondiso nokuqapha okudingekayo ngoba sifuna ukuqinisekisa ukuthi yonke imisebenzi ihambisana ngokuphelele nezimfuneko zobunjiniyela, ezokwakha nezokuphepha,” kusho yena.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


