Iyaqhubeka Imizamo Yokuhlonza Odukile Kusha Imijondolo

Date:

I Balelwa ku-427 imindeni esale dengwane ngemuva komlilo oqhamuke emijondolo yaseJika Joe eMgungundlovu ngoMgqibelo ebusuku.

UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal ngokusebenzisa iSikhungo sesiFundazwe sokuLawulwa kweziNhlekelele (Provincial Disaster Management Centre), usebenzisana noMasipala waseMsunduzi kanye  ukuqinisekisa ukuthi imindeni ethintekile ithola usizo lwesikhashana.

Abezicishamlilo bakamasipala waseMsunduzi bakwazile ukulawula nokucisha umlilo, kanti imbangela yawo isaphenywa.

Bane abantu abalimale emlilweni base bephuthunyiswa esibhedlela ukuze bathole ukwelashwa, kanti oyedwa kusolwa ukuthi usadukile njengoba uphenyo nomkhankaso wokumfuna kusaqhubeka.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu uThulasizwe Buthelezi, uncome ukusebenza ngokushesha kwezinhlaka ezibhekene nezinhlekelele kanye nabezimo eziphuthumayo. Uphinde wadlulisa amazwi enduduzo emindenini ethintekile, wafisela abalimele ukululama ngokushesha.

UNgqongqoshe uButhelezi uthe umnyango wakhe, ngokubambisana noMasipala waseMsunduzi nabanye ozakwabo, uyaqhubeka nokuqinisekisa ukuthi yonke imindeni ethintekile ithola usizo oluphuthumayo.

Uthe le nhlekelele iveza ubungozi obubangelwa yimililo emijondolo ngesikhathi sasebusika, njengoba abaningi besebenzisa umlilo ovulekile ukuze bazifudumeze. Uthe izindlu zemijondolo ezivutha kalula, zihambisana nomoya onamandla wasebusika, zandisa amathuba okuqubuka kwemililo.

Uphinde wanxusa umphakathi ukuba uqaphele kakhulu ekusebenziseni umlilo ovulekile nezinye izindlela zokuzifudumeza ukuze kugwemeke ezinye izinhlekelele.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

kunqanyulwe Izinkontileka Zamaloli Athutha Amanzi

U Meya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, kanye noyisekela likangqongqoshe...

Iqembu Le DA Libhonge Emswanini Kwa Zungu

Amalunga eqembu iDemocratic Alliance (DA) eThekwini athi ukushona kukaCelani...

I Hollywood Foundation Iyaqhubeka Nokuthuthukisa Ukwezethemba Kubantwana

IHollywood Foundation inikele ngo-R250 000 enhlanganweni iSouth African Riding...

Izakhamuzi ZaseWard 105 Zifuna Izimpendulo Ngemuva Kweminyaka Emihlanu Bengenamanzi

Kubantu abayizinkulungwane abahlala kuWard 105, ukuphuma kwelanga nsuku zonke...