Kube yimpumelelo ukuphothula uhlelo lokuhlukaniswa kabusha kwamawadi kuMasipala wThekwini njengoba isibalo samawadi sizokhuphuka sisuke ku-111 siyoshaya ku-112 ngaphambi kokhetho loHulumeni Bezindawo lwango-2026.
Lokhu kuvele emhlanganweni wokugcina wokubonisana phakathi kukaMasipala wase ITheku nebhodi elibizwa ngokuthi yi-Municipal Demarcation Board obubanjelwe e-Pinetown Civic Centre
Umxhumanisi wesifundazwe saKwaZulu-Natal ku-MDB, Mthobisi Manzini, uthe yize inqubo yokuhlukaniswa kwamawadi eThekwini ithathe isikhathi eside ukudlula kwamanye omasipala ezweni, kodwa izinqumo zokugcina seziphothuliwe futhi sezidluliselwe kwinhlangano yokhetho -Independent Electoral Commission ukuze iqale izinhlelo zayo zokhetho.
UManzini uthe iwadi entsha izoba sesifundeni esisenyakatho yeTheku. Uphinde waveza ukuthi ingxenye yeWadi 5 endaweni yaseMophela isifakwe ngaphansi kuka-uMkhambathini Municipality.
Kanti nengxenye yeWadi 4 endaweni yaseMakwatas seyifakwe ngaphansi kweWadi 103 kuMasipala waseThekwini. Lezi zinguquko zizoqala ukusebenza ngemuva kokhetho loHulumeni Bezindawo lwango-2026.
UMqondisi ehhovisi lemenenja yedolobha, Sipho Cele, uthe ukubambisana kwabahlali kubalulekile ukuze lolu hlelo luhambe kahle ngaphandle kwezinkinga.
UCele uthe kube nokubonisana nomphakathi ezifundeni eziyisithupha zeTheku ukuze kuqoqwe imibono neziphakamiso zabahlali mayelana nemingcele yamawadi.
Uphinde waveza ukuthi kuzoba nezinye izingxoxo noMasipala waseMkhambathini mayelana nokudluliswa kwempahla, abasebenzi kanye nezabelomali.
“Siyazi ukuthi kunamathuna abephethwe uMasipala waseThekwini manje asezodluliselwa kuMasipala waseMkhambathini. Kuzolandela uhlelo olusemthethweni lokudlulisa ukuze kungaphazamiseki ukuhlinzekwa kwezidingo zomphakathi. Uhlelo lokuhlukaniswa kwamawadi luhlose ukuphucula ukuphathwa komasipala kanye nezidingo zomphakathi.” kusho uCele.
I Menanja esizayo yesifunda saseThekwini ku-IEC, Sibongiseni Nkomo, unxuse izakhamuzi ukuba zibuyekeze imininingwane yazo ohlwini lwabavoti ngaphambi kwempelasonto yokubhalisa abavoti mhla zingama-20 nama-21 kuNhlangulana.
UNkomo ukhumbuze abantu ukuthi kumele baphathe umazisi oluhlaza noma ikhadi likamazisi elihlakaniphile ngesikhathi beyobhalisa.
“Izakhamuzi zizovota kuphela emawadini ezibhalise kuwo. Sizokwenza imikhankaso yokwazisa emphakathini, kanti ukubhalisa kuyaqhubeka emawadini athintekile ohlelweni lokuhlukaniswa kabusha,” kusho yena.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

