Kuxwayiswa Izakhamuzi ngomonakalo odaleke ngemuva kokuthi uMasipala weTheku uxolise ngokuchitheka kwendle emgwaqeni uMargaret Mncadi Avenue, okwadalwa ukuphazamiseka kwemishini esiteshini sokumpompa indle iMahatma Gandhi Pump Station.
Lokhu kuvezwe ngesikhathi iSekela leMenenja yeTheku kwezokuThuthwa kweNdle namanzi angcolile, Edwin Mkhize, ebambe isithanga nabezindaba ngokuvuza kwendle osekuphazamise amabhizinisi, izakhamuzi, abagibeli kanye nezivakashi kule ndawo.
UMkhize uxolise emphakathini ngalesi simo, wathi uMasipala uyakuqonda ukuphazamiseka okudalekile. Ngokusho kukaMkhize, le nkinga iqale ngesikhathi izingxenye zikagesi nemishini ebalulekile yokumpompa indle zilimala ngenxa yezindwangu, amanabukeni nezinye izinto ezingafanele ezivimbe amapayipi namaphampu.
UMkhize uthe abasebenzi bakaMasipala basebenza ubusuku nemini ukuzama ukubuyisela ukusebenza kwesiteshi. “Selokhu kwaqala lesi sigameko, abasebenzi bethu asebenza ngokungaphezi ukuzama ukusimamisa ukusebenza kwesiteshi nokubuyisela amandla okumpompa indle ngokugcwele,” kusho u Mkhize.
Kuvele nokuthi lesi siteshi besesivele sisebenza ngaphansi kwengcindezi njengoba bekusebenza amaphampu amabili kuphela kwamane aklanyelwe ukusebenza khona.
Njengendlela yokuvikela umphakathi, uMasipala uvale okwesikhashana amabhishi okubalwa kuwo iBay of Plenty Beach, iNorth Beach kanye neBattery Beach ngenxa yokungcola okubangelwe ukuvuza kwendle.
UMkhize uthe lesi sinqumo sithathwe ngenhloso yokuvikela impilo yomphakathi ngesikhathi kusaqhubeka ukuhlolwa kwezinga lamanzi nokulungiswa kwendawo ethintekile.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

