I Hollywood Foundation Iyaqhubeka Nokufukula Osomabhizinisi Abasakhulu.

Date:

Bebebhalwe injabulo emehlweni osomabhizinisi abahlomulile kwizindondo zosomabhizinisi abasakhulayo e Greyville convention Centre lo mncimbi, obuhlelwe yiHollywood Foundation, uhlanganise osomabhizinisi abavela ezindaweni ezehlukene zesifundazwe, abangama shumi amabili (20) behlonishwe khona ngokusebenza kahle, bahlukaniselana imali engaphezulu kwesigidi (R1 million) yokwesekwa kwamabhizinisi abo. I Bambelela business award kulonyaka ibuya okwesithathu.

U Halalisiswe Mncwango, ongumnikazi webhizinisi lendawo yokudlela iHala Lisa ePort Shepstone, uphume phambili nomklomelo ka-R145 000. Lo mklomelo ufike ngesikhathi ebhekene nezinselelo ezinkulu zebhizinisi lakhe.

“Ngiyakhumbula ukuthi ngaze ngacabanga nokuhoxa kulo mncintiswano ngoba izinto bezingahambi kahle. Kodwa lo mklomelo usungikhuthaze kakhulu ukuthi ngiqhubeke,” kusho uMncwango, ebonisa injabulo nokukhululeka.

Indawo yesibili ithathwe yiPitchbright ethole u-R115 000, kwathi iMakoti Boot Camp yalandela endaweni yesithathu ngomklomelo ka-R85 000.

Amanye amabhizinisi angu-17, okuhlanganisa iSparkling Touch Holdings, Samke’s Boutique Craft, ne Amandlenkosi Farms, nawo athole uxhaso luka-R45 000 ibhizinisi ngalinye, okuyisinyathelo esikhulu sokuwasiza ukukhula nokudala amathuba emisebenzi.

Amathathu I Crispy Corner, iSpaza  kanye neHala Lisa bahlonishwe ngemiklomelo ekhethekile yokuzikhandla, athola u-R12 500 ngenxa yokusebenza kwawo okuvelele. I Halalisa ihlomule kwesokubeka kahle impahla yesikhangiso kanti I Crispy Corner kube ihlomule ukufika kuqali ezintatha.

U Vuyisile Ngobese uveze ukuthi ukwesekwa kosomabhizinisi abasafufusa kubalulekile ekukhuliseni umnotho. “Osomabhizinisi abasafufusa baneqhaza elikhulu ekwakheni amathuba omsebenzi, yingakho sibona kubalulekile ukuqhubeka sibeseka,” kusho u Ngobese

Umcimbi uphinde wahanjelwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal, Thamsanqa Ntuli, okhuthaze ukubambisana phakathi kukahulumeni nezinhlangano ezizimele.

“Njengohulumeni, sizibophezele ukusebenzisana nezinhlangano ezifana neHollywood Foundation. Sifisa nokukhuthaza abanye ukuthi balandele lesi sibonelo ukuze kwande amathuba anjalo emphakathini.  Njengehovisi lika Ndunankulu sifisa ukuthi nathi silule isandla sifake kosomabhizinisi bekhule.” kusho uNtuli.

Lomcimbi ushiye umyalezo ocacile  ukuthi naphakathi kwezinselelo, amathuba akhona, futhi ithemba lingabuya lapho belingasekho khona.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Business Fair Showcases The Local Innovation And Growth

The Durban Business Fair (DBF) continues to cement its...

Undunankulu Uququzele Umphakathi Ukuba Usebenzise Umhlaba Ngendlela Efanele

UNdunankulu waKwaZulu-Natal,  uThamsanqa Ntuli, uhole amalungu eKhabhinethi yesiFundazwe ngesikhathi...

Bakhale Bmuka Nezimoto abezemidlalo Bonyaka Ngoxhaso Lwakwa JOMA

Kube yimpumelelo ukwethulwa kwemklomelo eyahlukahlukene yokuklomelisa abenze kahle emkhakheni...

Kuphoqeleke Ukuthi Bevale Abanikazi Bezitolo zabokufika Ngemuva Komkhankaso Wokuhlanza Umgwaqo U Victoria

Zisavaliwe izito zabokufika ezikumgwaqo Victoria Kanye no mgwaqo u...