uNgqongqoshe uTolashe Ugcizelele Ukuthi Izibonelelo Zezingane Ziwutshalomali Lwesikhathi Eside Ekuthuthukiseni Abantu

Date:

UNgqongqoshe woMnyango WezokuThuthukiswa koMphakathi, uNokuzola Sisisi Tolashe uhloniphe abafundi bebanga le-12 beKlasi lonyaka wezi-2025 abangabahlomuli bezibonelelo zikahulumeni emcimbini wokubongwa nokwethulwa kombiko obubanjelwe ehholo lomphakathi e-NU 10, eMdantsane, eMpumalanga Kapa.

Lo mcimbi ubuhlose ukuqhakambisa indima ebalulekile yezibonelelo zezingane, ikakhulukazi i-Child Support Grant (CSG), ekuthuthukiseni impumelelo yezemfundo nasekuqedeni ububha kanti lokhu kusekelwe yimininingwane yemiphumela yonyaka wezi-2025 kaMatikuletsheni ekhombisa ukuthi abahlomuli bezibonelelo benze kahle kakhulu ezifundweni zabo.

Ekhuluma kulo mcimbi, uNgqongqoshe uTolashe ugcizelele ukuthi izibonelelo zezingane ziwutshalomali lwesikhathi eside ekuthuthukiseni abantu nasekuqiniseni imindeni. Uveze ukuthi ucwaningo lwasekhaya nolwamazwe ngamazwe luyaqhubeka nokukhombisa ukuxhumana okuqinile phakathi kokuvikelwa kwezenhlalakahle kanye nemiphumela engcono kwezemfundo, ezempilo kanye nokukhula kwezingane.

Ngokwemiphumela kaMatikuletsheni yonyaka wezi-2025, abafundi abayizi-729,650 ababhalisela izivivinyo zikamatikuletsheni, kanti kubo abayizi-614,102 babengabahlomuli bezibonelelo zikahulumeni, okungu-84.2% wabo bonke ababhalisile. Izinga lokuphasa likazwelonke limi ku-88%, kuyilapho abahlomuli bezibonelelo bezuze u-84.9%, okungukukhuphuka okukhulu uma kuqhathaniswa no-74% wangonyaka wezi-2021.

“Lokhu esikubonayo namuhla kuwumphumela weminyaka eminingi yocwaningo oluqinile nolusekelwe ukuqoqwa kwemininingwane. Ubufakazi bucacile ukuthi ukuvikelwa kwezenhlalakahle kuyasebenza kubantu bakithi,” kusho uTolashe.

Uphinde waveza ukuthi abafundi abaningi abaxhaswe yilezi zibonelelo baba ngabokuqala emindenini yabo ukufinyelela emfundweni ephakeme, okubenza babe yizikhuthazi zenguquko emiphakathini yabo. Umbiko uphinde waphikisa umbono wokuthi isibonelelo sezingane sisetshenziswa kabi, wagcizelela ukuthi iningi layo lisetshenziswa ukuthuthukisa inhlalakahle yezingane nokweseka imfundo yazo.

“Laba bantu abasha bathwale amathemba emindeni yabo iminyaka eminingi besesikoleni. Uhulumeni uyababona, futhi ngezinhlelo zethu zokuvikela umphakathi siphendula izidingo zabo,” kuphetha uTolashe.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Amaphoyisa Asesiteshini SakwaMashu Athungatha Abasolwa Kwelokubulala

Amaphoyisa asesiteshini saKwaMashu akhiphe isitatimende acela usizo emphakathini ekutholeni...

Bekushiyana Ukwenza Kwinqephu Ka 2026

Indawo I-Durban Exhibition Centre iguquke yaba yindawo yokubukisa ngamasiko,...

Kulindeleke Nabasiki Benqephu Kwi Secret Garden

U Thandeka Nontobeko Ngema owaziwa ngelika Mawhoo, usememezele ngokusemthethweni...

Selidumela Emansumpeni Kuhlelo Lwe Go! Durban

UMeya womkundlu ITheku, uKhansela Cyril Xaba, uvule ngokusemthethweni i-Eleventh...