Inyanga ka-Mbasa ihlonishwa njengenyanga yenkululeko, iNkosi u Zwelinzima Gumede usephinde wagcizelela ukuthi umlando wenkululeko eNingizimu Afrika awuphelele ngaphandle kokuqashelwa ngokugcwele indima ebalulekile edlalwe amakhosi ekulweni nenkululeko, isithunzi kanye nobulungiswa.
ekhuluma egameni leNdlu yoBukhosi KwaZulu-Natal, iNkosi u Gumede uthe kusukela kudala amakhosi abe yizinsika zomphakathi, ephethe umhlaba, evikela amasiko futhi eqinisa ubumbano emphakathini.
“Iqiniso lithi umlando wenkululeko kuleli awuphelele uma ungabheki indima edlalwe amakhosi. Sibe yingxenye ebalulekile yomzabalazo wokulwela inkululeko, isithunzi nobulungiswa babantu bakithi. Nanamuhla sisasebenza njengamabhuloho phakathi kukahulumeni nemiphakathi, siqinisekisa ukuthi izinhlelo zentuthuko zifika kubantu futhi azishiyi muntu ngaphandle.” kusho Inkosi u Gumede.
Uqhube wathi nasenkathini yentando yeningi, amakhosi asaqhubeka nokuba nezindima ezibalulekile njengabakhi bokuthula, abaxhumanisi phakathi kukahulumeni nomphakathi kanye nabagqugquzeli bentuthuko.
U phinde waveza ukuthi iKwaZulu-Natal inabantu abaningi abahlala ezindaweni ezingaphansi kobukhosi, okwenza amakhosi abe semgogodleni wokuphathwa nokuthuthukiswa kwemiphakathi yasemakhaya kanye nalezo eziseduze kwamadolobha.
“Lokhu kusibeka endaweni ebalulekile yokuphatha nokuthuthukisa, ngoba sisondelene nabantu futhi siqonda izidingo zabo nsuku zonke,” kusho iNkosi u Gumede. Kokunye akuvezile ukuthi amakhosi aphatha umhlaba ongaphansi kwe-Ingonyama Trust olinganiselwa kumahektha ayizigidi ezi-2.8, okuyingxenye enkulu yomhlaba wesifundazwe.
Ngakolunye uhlangothi, iNkosi u Gumede yamukele izinyathelo ezithathwe uhulumeni zesifundazwe zokweseka amakhosi, ikakhulukazi ngaphansi koHulumeni wesikhombisa.
“Siyakhuthazeka ukubona uhulumeni eqala ukuthatha izinyathelo eziqondile zokweseka amakhosi ngezinhlelo ezibonakalayo ezithinta impilo yethu kanye nemiphakathi esiyiholayo.” Kusho u Gumede.
Phakathi kwezinto ezamukelwe kahle, iNkosi uMnguni iveze ukumenyezelwa kwamalungu e-EXCO eNdlu yoBukhosi njengabasebenzi besikhathi esigcwele, okwenziwe ngo-2024.
Uphinde wancoma ukunikezwa kwezimoto kumakhansela obukhosi angama-30 ngomhla zingama-26 kuNdasa 2026 ngaphansi koMnyango weCoGTA oholwa uMfundisi uThulasizwe Buthelezi.
“Lezi zimoto zizosiza kakhulu ngoba izindawo esisebenza kuzo zibanzi futhi zinezinselelo zokufinyeleleka. Manje sizokwazi ukufinyelela emphakathini kalula futhi sifeze imisebenzi yethu kangcono,” kusho u Gumede.
Uqhube wathi kuyajabulisa ukuthi lolu hlelo luzoqhubeka minyaka yonke kuze kube wonke amakhosi esethole izimoto, wengeza ngokuthi KwaZulu-Natal ibiyisifundazwe esisalele emuva kulolu hlelo uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe ezifana neMpumalanga ne-Eastern Cape. Ngokuqinisa umsebenzi wamakhosi, iNkosi uMnguni ithe amakhosi asephinde anikezwa amandla okuba ngoKhomishana bama-Othsi, okwenza kube lula ukusiza umphakathi ngezindaba zomthetho.
Lokhu kusenza sikwazi ukusiza abantu ngokushesha uma kudingeka izincwadi ezifungelwe noma ukuqinisekiswa kwemibhalo, okusondeza izinsiza zomthetho kubantu.
Mayelana nezinkantolo zamakhosi, iNkosi u Gumede ithe uhlelo lokwakhiwa nokulungiswa kwazo lubalulekile ekugcineni ubulungiswa nobumbano emphakathini.
Ngakolunye uhlangothi izinkantolo zamakhosi ziyisisekelo sokuxazulula izingxabano emphakathini futhi ziqinisekisa ukuthi amasiko ayahlonishwa futhi ayagcinwa. Uphinde wakhuluma ngezinhlelo zokuthuthukisa umnotho wendawo, lapho amakhosi enikezwe amathuluzi afana namatende, izihlalo, amafriji aphathwayo kanye nezinto zokupheka ukuze kusizwe imisebenzi yokuziphilisa.
“Lezi zinhlelo zisiza ukuvuselela umnotho wasemakhaya futhi zinike abantu amathuba okuziphilisa,” kusho iNkosi uMnguni.
Mayelana nokuqeqeshwa, uthe ukubambisana neNyuvesi yaKwaZulu-Natal sekulethe izinguquko ezinhle ekusebenzeni kwamakhosi.“Siyaqeqeshwa ngezomthetho nokuphatha, okusenza sikwazi ukwenza umsebenzi wethu ngobungcweti nangolwazi olujulile.” Kuphetha u Gumede.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

