Buyaqhubeka Ubudlelwane Phakathi Kahulumeni Nesilo Samabandla.

Date:

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, ube nengqungquthela noNgangezwe Lakhe, isilo uKing Misuzulu kaZwelithini, eThekwini ngenhloso yokuqinisa ubudlelwano phakathi kukahulumeni nobukhosi bakwaZulu.

Lo mhlangano uyingxenye yemihlangano ejwayelekile phakathi kweHhovisi likaNdunankulu nehhovisi lesilo, okuhloswe ngayo ukuvumelanisa izinhlelo zikahulumeni kanye nemisebenzi yobukhosi ukuze kuthuthukiswe ukuphathwa kwesifundazwe.

Ekhuluma ngemuva komhlangano, uNdunankulu Ntuli ugcizelele ukubaluleka kwesilo esigabeni sokuphatha.

“Kubalulekile ukugcizelela ukuthi isilo akusona nje kuphela iNkosi yesizwe samaZulu, kodwa futhi singuMbusi wesifundazwe saKwaZulu-Natal. Ngalesi sizathu, ubukhosi bunendawo ebalulekile futhi ehloniphekile ekuphathweni kwesifundazwe  njengoNdunankulu wesifundazwe, ngizibophezele ekwesekeni ukubuyekezwa kwesithunzi nobumqoka boBukhosi bakwaZulu, ngenkathi kugcinwa ifa lalo elicebile. Ngokuzayo, isilo sizobamba izingqungquthela nabamele amazwe angaphandle, okuzosiza ekuthuthukiseni ubudlelwano bamazwe kanye nokuphakamisa isithunzi saKwaZulu-Natal emhlabeni.” kusho uNtuli.

UNtuli uphinde waqinisekisa ukuzibophezela kwakhe ekwesekeni ukuthuthukiswa nokuhlonishwa kobukhosi bakwaZulu, kugcinwa amasiko namagugu esintu.

Phakathi kwezindaba okuxoxwe ngazo kube khona udaba lwe-Ithala SOC Limited, imibiko ephathelene neNgonyama Trust kanye neBhodi layo, kanye nohlelo lwemikhosi yesilo lwonyaka.

Lo mhlangano ubuye wabheka uhlelo lokuhambela izifunda nezindawo zikamasipala okuzokwenziwa ngokuhlanganyela phakathi kukaNdunankulu nesilo, ngenhloso yokuqinisa ukubhekwa kokulethwa kwezinsiza, ukuphendula izidingo zomphakathi kanye nokuqinisa ubudlelwano phakathi kukahulumeni, amakhosi nezikhungo zomphakathi.

UNdunankulu uphethe ngokubonga isilo ngethuba lokuhlangana naso kanye nokuqhubeka nokuhola nokweluleka izindaba ezithinta abantu baKwaZulu-Natal, ephinde wagcizelela ukuthi ubudlelwano phakathi kukahulumeni nobukhosi busezingeni eliphezulu futhi bubalulekile ekwakheni ubumbano, uzinzo nentuthuko esifundazweni.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Selidumela Emansumpeni Kuhlelo Lwe Go! Durban

UMeya womkundlu ITheku, uKhansela Cyril Xaba, uvule ngokusemthethweni i-Eleventh...

Kungenelele Iqembu Lezepolitiki Kolwamanzi.

I-Democratic Alliance ithi uMasipala weTheku kumele uchaze ukuthi kungani...

New schools cricket series launched

South African school cricket is set for a boost...

Bahlabeke Umxhwele Abaningi Kwinkulumo Ye Silo.

ISilo samabandla uMisuzulu kaZwelithini sesinxuse amaZulu ukuthi abuyele kakhulu...