Njengenxenye yomzamo wokukhuthaza abafundi bakwa-Matric ngaphambi kokubhala izivivinyo zabo zokugcina, i-Dual M ibambisene ne-INK Today kanye ne NPC ukuqala uhambo olunesihloko esithi School Prayer Tour, olubanjwe ngenyanga ka Mfumfu 2025.Lolu hambo luqale ezikoleni ezintathu okufaka phakathi iSiyathuthuka Secondary School, iNkosinathi High School, kanye ne-Phembisizwe High School, ngenhloso yokunikeza abafundi ithemba, ukholo kanye nesibindi njengoba belungiselela ukubhala izivivinyo zabo zokugcina. I-School Prayer Tour ibihlanganisa umculo, ukugqugquzele abafundi ngomthandazo, okudale umoya wokubumbana, wokukhuthazeka kanye nokholo.
Injabulo ibibhalwe ebusweni kubafundi, njengoba bekuqala ukuba kube nento efana nalena ezikoleni zabo, lapho bezoyalwa baphinde bakhulekelwe futhi, balalele izinkulumo ezikhuthazayo ezethulwa ngu Dual M, okungo behambisana no Sbonelo Mdunge, umsakazi wohlelo i-Rise and Rock Breakfast Show ku-Inanda FM. “Sikholelwa ukuthi unyaka kaMatric uyisikhathi esibalulekile empilweni yomfundi ngamunye,” kusho uMphathi we-Dual M nowasungula i-Freak Entertainment. “Lesi yisikhathi lapho intsha idinga khona ukwesekwa kanye nesikhuthazo ukuze bazi ukuthi impilo isaqala. Sifuna ukubanika indlela enhle yokuphuma esikoleni beya emhlabeni.”USbonelo Mdunge naye wengeze wathi: “I-School Prayer Tour akusiyona nje eyomthandazo kuphela, kodwa ihlose ukuvuselela umoya wokholo, ukuzimisela kanye nenhloso eqondile ezintweni ezenziwa intsha yethu.
Sifuna bazi ukuthi banamandla okufeza amaphupho abo.” Lolu hlelo lube yimpumelelo ngenxa yokusebenzisana nabaxhasi abahlukene, okubalwa kubo i-Dentless Liquid Soap, i-Denosa KZN, i-Dynasty Clean.Juices, kanye ne-Zibu Moments Productions.Abafundi bakhombise injabulo enkulu ngokuvakasha kwale nhlangano, begcwele ithemba lokwenza kahle ezifundweni zabo. Lolu hambo lubonise ukuthi uma umphakathi ubambisene, intsha ingakhuthazeka futhi ibe namandla okushintsha ikusasa layo. Njengoba abafundi bakwa-Matric besazilungiselela, abanye sebeqalile ukubhala izivivinyo zabo zokugcina, umlayezo we-Dual M ne-INK Today NPC ilula futhi iyakhuthaza: Kholwa kuwe, qhubeka ugxile, futhi wazi ukuthi unamandla okufeza amaphupho akho.
