Breaking News

UNksz Chucky Mhlongo (Onguthishela eZakhe High School)

UTHISHA OPHENDULA AMATHUBA UKUGUQULA IMPILO YENTSHA KU-PINK INK

0 0

ENewlands West, enyakatho yeTheku, igama lika Nk Chucky Mhlongo seliyaziwa hhayi nje kuphela njengothisha kodwa njengomholi wabasafufusa kanye nowe sifazane ongakhathazeki uma eqinisekisa ukuthi abanye bayaphumelela. UChucky, onguthisha eZakhe High School eKwaMashu, usezakhele igama lokuba yisikhuthazi esibheke phambili.

Uthando lwakhelokusiza abanye lume ngokuhlanganisa izinto ezintathu azithandayo: ezemfundo, ezobuciko kanye nezamabhizinisi. Naphezu kokuba nguthisha, uChucky ubuye abe ngumbhali wezingoma nomculi, futhi lokhu sekube yindlela ayisebenzisayo ukuvula iminyango yempumelelo kwentsha eneziphiwo.

“Abanye balaba engiba sizile baya phesheya kwezilwandle ngenxa yomculo.

Kuyinto engiyibona njengo phawu lokuthi izipho zethu zingaba amathuluzi empilo engcono,” kusho yena. Ngo-2019, ngenxa yengcindezi yokufuna ukunika abesifazane abancane amathuba okukhula, wasungula uhlelo olwaziwa ngokuthi Be That Gal – oluhlanganisa osomabhizinisi besifazane abasebasha ukuze babelane ngolwazi, izindlela zokuphumelela, kanye nokwakha nertwork eqinile. UChucky uthi: “Ngiqinisekisa ukuthi amantombazane nabesifazane bazi ukuthi amathuba abo akhona, futhi bayakwazi ukusebenzisa amakhono abo ukuze baphile kahle.

Abanye aseke wabasiza ukuba basungule amabhizinisi abo abancane bahlanganisa uNks Muke Mafuze onebhizinisi lokubhaka amakhekhe, kanye noNonjabulo ongumnikazi wenkampani yezingubo. Ngaphandle kwalokho, usebenzisa inkampani yakhe yokuhlela imicimbi i-Cee Tee M, kanye ne-perfume Ch_perf_ass, ukwenza ukuthi abe seduze nentsha kanye nomphakathi ezinkundleni zokuxhumana. Izinhlelo zakhe azigcini ekubeni imikhankaso yokulwa nezidakamizwa kuphela kodwa sezibe yizindlela zokwakha ikusasa, kusukela kumabhizinisi, emculweni, kwaze kwafika ezinhlelweni zokuthuthukisa abesifazane.

Ama Cheerleaders asungula uNkzn Mhlongo, Awesikole okufaka phakathi abafundi.

Amaqembu esikole ebhola lomnqakiswano akhiwa
amantombazane amancane.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Instagram
WhatsApp
Tiktok